Izindaba

IBAMBENE NGEZIHLUTHU KU NQUBEKO NDLELA NABAPHATHI BEMICIMBI

ISIQALE phansi impi phakathi kwabaphathi bezinhlelo uModelikazi Dlamini, uYenzi Ndimande noMashudula kanye nomsakazi weNongoma FM uNqubeko Ndlela.

Laba baqale ukuphambana ngamazwi ezinyangeni ezedlule ngesikhathi uNqubeko ethi lezi zintokazi ziphathwa osomabhizinisi abalala nazo.

Muva nje lempi isiphinde yaqubuka futhi njengoba lo msakazi efake ekhasini lakhe lika-Facebook inqwaba yemibhalo entela ngokuthi abantu abawesekanga umcimbi i-Big 5 Music Festival obuhlelwa uYenzi Ndimande asebeyinkukhu nempaka naye obuseHluhluwe ngomhlaka-21 Zibandlela.

UNqubeko usola uYenziwe ngokuthi akabahloniphi abantu futhi uyadelela yingakho umcimbi wakhe ungabanga yimpumelelo.

Akachithanga sikhathi uModelikazi Dlamini njengoba ephendule ngokushesha omunye wemibhalo kaNqubeko. Ngesikhathi ephendula ubize lo msakazi weNongoma FM ngesitabane. Impi yalaba kuyacaca ukuthi isazothatha isikhathi, ayiphelile.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.