EZISEMATHENIIzindaba

KUSAPHENYWA NGOBULALE INTOMBI (22), INGANE (3) NAYE WAZIHENGA WAFA

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natali asaphenya isigameko sokugwazwa kubulawe intombi isoka layo, laphinde labulala ingane eneminyaka emithathu (3) ngaphambi kokuthi lizihenge nalo lafa eDangaya eduze kwaseMgababa.

Ngokuchaza kwamaphoyisa izidumbu zalaba zitholakale ngoLwesihlanu, mhlaka-20 Zibandlela ekuseni, nokusolakala ukuthi isigameko esenzeke ngoLwesine noma ngezintatha ngoLwesihlanu.

Isithombe: Owesilisa obulele intombi yakhe, ingane naye wazibulala

Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, isidumbu sowesifazane oneminyaka engamashumi amabili nambili (22) nesengane yakhe bezilele edanyini legazi zinenqwaba yamanxeba okugwazwa.

Isithombe: Owesifazane obulewe isoka lakhe kanye nengane yakhe ayiphethe

Umsolwa oneminyaka engamashumi amabili nane (24) yena utholwe elenga, ezihengile phezulu ophahleni olungphakathi endlini. Kuphinde kwatholakala omazisi babo laba abafile phezu kombhede.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com