Izindaba

UDILIKAJELE KOWESILISA ODLWENGULE EPHINDELELA INDODAKAZI YAKHE ENA-9

UBABA odlwengule ephindelela indodakazi yakhe ugwetshe udilikajele inkantolo i-Richards Bay Magistrates Court ngoLwesihlanu olwedlule. Kuthiwa wesilisa kade waqala ukwenza ucansi nendodakazi yakhe eneminyaka eyisishiyagalolunye (9).

Ikhipha isinqumo sayo imantshi W.J. Schutte ithe ngaso uthumela umyalezo oqinile nakwabanye abasacabanga ukwenza lokhu.

Umsolwa oneminyaka engamashumi amathathu nesikhombisa ubekwe amacala ngoZibandlela 2022, nokuyilapho agcinwe khona estokisini waze wagwetshwa.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.