EZISEMATHENIIzindaba

UBESETHUSA NOZAKWABO UTHISHA OBULALE INGODUSO WAZIBULALA NAYE

ABAZANA eduze nothisha waseZiphozethu Primary School, KwaDukuza, uMnuz. Sbusiso Lawrance Ntaka bathi indlela abeseziphethe ngayo ezinyangeni ezimbili ngaphambi kwesigameko esesisabalele izwe lonke ibibathusa. UMnuz. Ntaka ubulale ingoduso yakhe wase efaka i-video ekhasini lakhe lika-Facebook echaza ukuthi ukwenzeleni lokhu.

Amaphoyisa athole isidumbu sakhe ezilengisile esihlahleni, ehlathini eliseduze kwalapho abulalele khona ingoduso yakhe. UNtaka ongowaseMzinto ngokuzalwa uthe ubulale ingoduso yakhe ngenxa yokuthi idlale ngaye kakhulu empilweni. “Ngenze konke ebengingakwenza ukwenelisa umuntu wesifazane, ngalahlekelwa izinto eziningi nemali. Wangondlisa ingane okungesiyona eyami emuva kwalokho wase eyangala ngoba esezophunyelwa imali ye-RAF”, kubalisa uMnuz. Ntaka kwi-video ehefuzela.

Amaphoyisa athe umsolwa ulande owesifazane kubo, okuthe emuva kwengxabano ababe nayo wase ebulala lona wesifazane qede waqopha i-video ezivumela ukuthi ubulawe uyena ngezizathu azishilo. “Imoto yomsolwa itholakale ishiyiwe emgwaqeni lapho okutholakale isidumbu sowesifazane esihalweni sangaphambili emotweni sinegazi.

“Emuva kwalokho ube esebhekwa umsolwa, kwabe sekutholakala isidumbu sakhe silenga esihlahleni nokusolakala ukuthi uzibulele. Amaphoyisa aphenye icala lokufa komuntu”, kusho isitatimende samaphoyisa.

Kukhulunywa nozakwabo abesebenza nabo esikoleni uNtaka, khona othe ubeziphatha ngendlela engajwayelekile muva nje, wabalula ukuthi ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kube nzima kakhulu.

“Uthishanhloko ubesahlela ukumusa endaweni ehlumelelisa izimilo gnonyaka ozayo, ukuze athole usizo lokwelulekwa njengoba ubesefika esikoleni kungathi kade ephuza ubusuku bonke, wangalala.

“Ubeseziphatha ngendlela ethusayo. Kwesinye isikhathi ubeke afike ediniwe futhi asebenzele emotweni yakhe, angayi egunjini elihlala othisha. Wonke umuntu ubemangele ngendlela abeseziphatha ngayo futhi bekucatshangwa isimo nje sezinselelo esidlulayo”, kusho uzakwabo ongathandanga ukwaziwa.

“Bese kuyinto yakhe ukufika sekwedlule isikhathi kulezi zinyanga ezedlule futhi esegqoka futhi eziphathisa okomuntu ozibuyela etshwaleni”, kusho uzakwabo onesikhundla kwinyunyana yothisha.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.