U-PENNY NTULI UCASULWA ABAMNAKILE NGOKUFUKAMELA U- ‘PENNY WETEMU’
USEZWAKALISE ukucasuka kwakhe umsakazi weJozi FM, u-Penny Ntuli ngokunakwa abantu abalokhu bembuza umkhokhela malini u-Penny Ntuli weTemu ngokumsebenzisa? Uthe okumxakayo ukuthi akaqondi ukuthi laba abathi uyamsebenzisa baqonde ukuthini?
U-Penny Ntuli wakuTemu intombazane eyafaka i-video ezinkundleni zokuxhumana ilingisela yena u-Penny Ntuli, kanti nasebusweni ibukeka njengaye, ngisho ikhuluma ngathi uyena.
“Ngimsebenzisa kanjani? Ngitholani? Ukuthanda? Omunye wesifazane uze wabuza ukuthi uzoba u-Penny Ntuli weTemu kuze kube nini?”, kusho u-Penny.
Emuva kokuba ekhonjiswe i-video yalentombazane u-Penny wenza imizamo yokuhlangano nayo ekhaya kubo, eyiphathele nezipho. Kanti ziningi izikhathi lapho ehamba nayo, emicimbini ngenhloso yokuyisondeza emathubeni amahle empilweni. Wenza konke lokho nje uke wakuveza ukuthi ufisa ukuyiyeka iqede umsebenzi wesikole, ukuze ingaphazamiseki.
“Yini inhloso yalento abanye benu eniyenzayo? Ukuthi ngigcine ngidikile ingane? Masekubanjani sesingekho ndawonye? Nikwenzelani lokhu? Uma ninemibono yokuthi ingane ikhuliswa kanjani futhi nibona okungalungile, kungani ngingatholi ingani ngakini, niyikhulise, ningikhombise ukuthi kwenziwa njani”, kusho u-Penny.
Uthe khona asebethi usebenzisa ingane. “Shuthi bekumele ngiyiyekele emakhaya ingane?”, kubuza yena.
Ezinsukwini ezedlule u-Penny uke wabhala ekhasini lakhe ku-Facebook eno-Penny Ntuli weTemu ethi ibicabanga ukuthi ngesikhathi iza eGoli ibizojabulela amaholidi. “Ngimusa kuyo imihlangano yami nemicimbi. Kumanje akayifisi imoto ngenxa yamahora amade esiwahambayo, ngiyamtshela ngithi nangempelasonto siyosebenza sisi vuka sambe, uyazihudula manje. Akakhathele uyafokola u-‘Penny’.
“Ngithemba ukuthi zonke lezi ndawo esizihambayo nabantu engimhlanganisa nabo, uzobona ukuthi isibhakabhaka kuphela esingavimba umuntu futhi angathola noma yini ayifunayo”, kusho u-Penny.
Ngonyaka ozayo u-Penny Ntuli weTemu uyofunda umatikuletsheni emuva kokuphumelela ibanga leshumi nanye.