KULOKHU AKE KUNGABI NGUWE
KULAMAHOLIDI sikhulekela ukuphila nokugcinwa nje. Lonyaka ube ngonzima kakhulu ngezimo nangezinto ezehlukahlukene ebezisivelela empilweni. Sibabaza ukulahleka kwemisebenzi, ukufa kwabantu ikakhulukazi ngezingozi zomgwaqo nokubulalana. Isimo sezulu esesishintsha ngendlela eyethusayo. Impela kuningi.
Kepha noma bekungunyaka onzima kodwa kukhona izinto ezinhle ezike zenzeka empilweni yakho okumele uzibonge. Noma ngabe zincane kangakanani.
Njengoba kuyiwa emakhaya futhi kuvakashwa ezindaweni eziningi, bengizothi ake siziqaphele. Kuyaziwa mhlawumpe uyisiqhwaga okanye uyaphoxa uma usuphuzile uphuzo oludakayo. Kulokhu ake uziqoqe. Kungenzeka waziwa njengomxabanisi emakhaya, weqhatha abantu ngobuxoki nenhlebo namanga. Kulokhu ake ukuyeke lokho.
KHUZEKA. Ake ulalele uma uboniswa. Lowo muzi awungafi ngawe. Ake sihloniphane. Uma uzohamba ubazise osondelene nabo izwe selaba libi.
Wena ohlele ukubulala umphefumulo engenacala ngithi nje maluju phansi izikhali. Ake kungaphumi umphefumulo ngenxa yakho. Mdlwenguli sekwanele maluju ake ushintshe umqondo. Lowo mphefumulo owuhlukumezayo nawo ungumuntu nje ngawe. Izinto ezimbi ake zingenzeki egameni lakho. Lokhu okwenzayo kunanzuzo yini empilweni yakho.
Emgwaqeni ake sishayelisane kahle. Imindeni yethu isidinga siphila. Basilindile emakhaya. Ake kungalimali abantu ngenxa yobudedengu bethu. Ungashayeli uphuzile. Isivinini esikhulu siyabulala. Masifike siphila. Phansi ngokukhiphelana izibhamu nokulimazana uma ishayelisane kabi emgwaqeni. Kukhona okungcono esingakwenza.
Kulamaholidi ake silwele ukuvikela isithunzi namagama ethu. Zijabulise ngaphandle kokuhlukumeza abanye abantu.
Kunzima ukusebenza imali bese kuba khona ozokwephuca kalula nje. Noma ke sewumkhuthuzile lowomuntu shiya umphefumulo wakhe ngoba umndeni wakhe uyamdinga. Ubuntu abande ebantwini. Sekwanele bafwethu.
Izinto ezimbi mazingahlotshaniswa negama lakho.
Nginifisela amaholidi aphephile, ukuphumula sibuye ngomfutho enyakeni ozayo. Unyaka ozayo awudingi izifiso kepha udinga izinhloso ezihambisana nezinyathelo (Have a purpose and take action). Qala khona manje uhlele ukuthi uzoma kanjani unyaka wakho. Yimaphi amakhono ofisa ukuwafunda? Yikuphi ozokwenza ukuthuthukisa impilo yakho? Ungazicindezeli kakhulu. Kuzolunga.
Kuze kube ngokuzayo.
Boni Mahlinza
*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomluleki wempilo