IPHOYISA LITHI LAHOLELWA ISIBOSHWA OPHATHE BENZA UCANSI ESITOKISINI
IPHOYISA elisebenzela eMfuleni Police Station, u-Const. Siyabonga Mbane oboshelwe ukudlwengula intombazane eyayiboshiwe utshele inkantolo ukuthi iyona eyamholela ekutheni alale nayo. Ngokuchaza kwakhe uthi yambamba, yamqabula naye wase eyavukelwa wayilala.
Okushiwo umbuso nokho kuhlukile kunokushiwo ileli phoyisa. Umshushisi uLitha Duka utshele inkantolo ukuthi umsolwa akaqali ukutholakala elala iziboshwa njengoba wake wabanjwa oqotsheni obengumkakhe efuna ukukinatela isiboshwa. Kanti naye lona obengumkakhe wake wafuna ukumlala ehhovisi lakhe.
Efunda isitatimende sephoyisa elingumphenyi wecala, u-W/O Patrick Takayi, uDuka uthe umkhuba wakhe omdala lona u-Const. Mbane ngoba ngomunye unyaka wake wafonela obengumkakhe, besazwana wathi akamvakashele emsebenzini kukhona inkinga anayo. “Nebala wafika esiteshini samaphoyisa kanti uzombamba mahlanze eqabulana nesiboshwa futhi ephuza utshwala, wathi uyathetha unkosikazi waxolisa wathi kukhona into emile ucela ukulala naye [unkosikazi wakhe] khona esiteshini kodwa wanqaba.
Umshushisi, uDuka uthi uMbane watshela umkakhe ukuthi njengoba engafuni ukulala naye uzophoqeleka ukuthi alale nesiboshwa. Wathi ubuyela kuso isiboshwa sanqaba. Njengoba kwase kunomsindo emagunjini eziboshwa, iziboshwa zamemeza umphathisiteshi owafika wamkhipha emsebenzini. Kwavulwa necala kodwa laphelela emoyeni emuva kokuba isiboshwa singazihluphanga ngokuza ecaleni noma sibonane nabaphenyi.
Kwesakhe isitatimende u-Const. Mbane uthe wayenozakwabo wesifazane ngesikhathi bezama ukuginqisa iminwe intombazane eyayiboshiwe kodwa yayivele ikhale kakhulu ithi njengoba ingumfundi kuzongcola iminwe yayo. Uthe bayiyeka bangayiginqisa iminwe, kwase kuthi ngakusasa ethi uyayizama yaphinde yakhala futhi. “Ngabo-03:00 ekuseni yacela ukuthi ngiyikhiphe egunjini elineziboshwa, saya egunjini elalingenamuntu nokuyilapho eyaqhubeka khona nokukhala ngase ngiyadabuka ngayanga kanti yona izovele ingiphuthaze, ngavukelwa sagcina senza ucansi”, kusho yena.
“Ngabona sesiqedile ukuthi ibinenhloso embi njengoba sesiqedile wangicela ukuthi ngenze imizamo yokuthi agcine engayiginqanga iminwe. Sabe sesizixoxlea, ngamphindisela egunjini engangimthathe kulona. Akekho umuntu owasiphazamisa ngesikhathi simatasa futhi nombiko kadokotela uyakuveza lokho ukuthi ngalala naye kahle”, kusho u-Const. Mbane.
Isinqumo ngesicelo sakhe se-bail sizophuma ngoLwesine.