Izindaba

UCHITHA EYOKUNGABI NAKHAYA ULUTHULI DLAMINI

UMLINGISI wakuleli osemnkantshubomvu uLuthuli Dlamini usephumele waphendula amahlebezi asesabalele ngaye okuthi akasenakhaya futhi usehlala endaweni eyidleke sezidakamizwa engasanakwe muntu e-Randburg.

Lamahlabezi adale ukukhathazeka kwabaningi abazwakalise ukumeseka lo mlingisi okuhlanganisa abalandeli kanye nabanye ozakwabo endimeni yokulingisa, abanye bethembisa ukunikela ngendawo yokuhlala.

NgoLwesithathu, uLuthuli ungene ekhasini ezinkundleni zokuxhumana wenza i-video ehlanza izingubo zakhe, wachazela abalandeli bakhe ukuthi kwenzakalani futhi ebonakala esesimeni sokulingisa.

“Okokuqala, ngifisa ukubonga bonke ababonise ukungiseka, bonke abathembise ukungisiza ngendlu yokuhlala, abathembise ukungisiza ngendawo yokuhlala, ngiyabonga kakhulu”, kusho yena.

“Ngifisa ukuqeda konke ukukhathazeka ngokuthi angisenakhaya. Akulo iqiniso ukuthi anginakhaya, akusilo nhlobo. Ngihlala endlini enhle kabi eThekwini, eqhakaze kakhulu.

“Ngithokozile, ngikahle.. Ngiyathembisa, akulo iqiniso ukuthi anginakhaya. Iba nesiqiniseko ngemithombo ekunika ulwazi. Ungadayisi ngobuqotho ngodumo nje lwemizuzu eyishumi nanhlanu. Iyaqhubeka”, kusho yena.

ULuthuli useke wabonakala emidlalweni kamabonakude eminingi kuleli kubalwa i-Scandal! ne Generations: The Legacy kanye namafilimi afana nethi Dead Places, Alleyway, As It Used To Be, The Coconuts namanye.

Kuvela lezi zindaba nje sekunesikhathi eside egcine ukubonakala emidlalweni yakuleli.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.