EZILWELA AMALUNGELO ABESIFAZANE AZIMFUNI U-CHRIS BROWN KULELI
UMCULI waseMelika, u-Chris Brown uthelekile izolo eNingizimu Afrika yize izinhlangano ezimbili i-Women For Change elwela amalungelo abesifazane ne-GOOD Party okuyinhlangano yezepolitiki ka-Patricia De Lille ziphikisana nokunandisa kwakhe kuleli.
U-Chris Brown usohambeni lwakuleli lapho ezocula khona edilini lomculo eliyizinsuku ezimbili e-FNB Stadium eSoweto ngempelasonto.
Ufike kuleli ngoLwesithathu njengoba ebonakale ehamba nethimba lonogada bakhe abebemqaphile bengafuni lutho olumthintayo esikhumulweni samabhanoyi esiseGoli.
Izinhlangano lezi eziphikisana nokunandisa kwakhe kuleli zifuna avalwe ukungena kuleli ngenxa yomlando wakhe wokuhlukumeza ngokobulili njengoba eseke wahamba icala lalokho. Yize kunalezo zikhalo ngaye kodwa abahleli bathe konke kuzohamba njengoba kuhliwe futhi abalandeli bakhe bazombona enandisa.
Inkampani ehlela lo mcimbi, i-Big Concerts ithe amathikithi okungena ngoMgqibelo asephelile kodwa awangeSonto abaliwe asatholakala.