‘AMAMBAZO AMNYAMA’ AZOJABULISA ABANTU BASETHEKWINI NGOKHISIMUZI
IQEMBU lesicathamiya elidume umhlaba wonke i-Ladysmith Black Mambazo lizoba nedili lo mculo eThekwini ngesikhathi samaholidi kakhisimuzi lapho lizojabulisa khona abantu baseThekwini, KwaZulu- emcimbini obizwa nge-Christmas with Black Mambazo sokungowesbili kulonyaka.
Lo mcimbi oxhaswe yi-Durban Tourism uzoba ngomhlaka-23 Zibandlela ehholo lebandla i-CFCI Treatre e-Berea, khona eThekwini.
Kulo mcimbi okulindeleke ukuba abawuhambele bebusiswe ngomculo othinta umphefumulo futhi oshiya izinkumbulo kuzobe kuboshelwe nabanye abaculi abafana no-Ayanda Ntanzi, Nomusa Dlomo, CFCI Choir ne Soweto Central Chorus. Ngokubambisana lamaciko azokwenza lobu kube ubusuku bezinhlobo ezihlukene zomculo kusuka kowesintu kuya kowezokholo osezingeni, okudala umoya wokuzwana nenjabulo.
“Umcimbi wethu kakhisimuzi ungaphezu nje kokuba into yokwenza umculo. Kodwa isimemo sokwabelana ngomoya wobunye bokuba ndawonye, ukufudumala kanye nenjabulo”, kusho i-Ladysmith Black Mambazo.