EZISEMATHENIIzindaba

ABAKWA-JAC BAMVUSE NGOLUNYE UNYANYAVU LWEMOTO UNGIZWE MCHUNU

BAGIYE kwachwaza isitolo sezimoto abalandeli bakaNgizwe Mchunu bemjabulela emuva kokunikwa unyanyavu lwemoto entsha sha abadayisi bezimoto i-JAC Motors e-Port Shepstone. UNgizwe ozibiza ngomengameli wamabhinca usenikwa okwesibili ilesi sitolo imoto emuva kokumphuca ngoZibandlela wonyaka odlule kade ekhulume amagama angehli kahle ngomholi we-EFF, u-Julius Malema.

I-EFF yasola uNgizwe, oke wasebenzela Ukhozi FM, ngokucwasa ngokobuzwe emuva kokuba ethe uMalema kumele ayokhankasangasa ngakubo eLimpopo lapho okuhlala khona amanye amaShangane, hhayi KwaZulu-Natali ngona kuphethe yena.

Enikwa lemoto ewuxhaso uNgizwe uthe: “Isitha sehluliwe, asiboshwe”.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com