EZISEMATHENIIzindaba

ABAKWA-JAC BAMVUSE NGOLUNYE UNYANYAVU LWEMOTO UNGIZWE MCHUNU

BAGIYE kwachwaza isitolo sezimoto abalandeli bakaNgizwe Mchunu bemjabulela emuva kokunikwa unyanyavu lwemoto entsha sha abadayisi bezimoto i-JAC Motors e-Port Shepstone. UNgizwe ozibiza ngomengameli wamabhinca usenikwa okwesibili ilesi sitolo imoto emuva kokumphuca ngoZibandlela wonyaka odlule kade ekhulume amagama angehli kahle ngomholi we-EFF, u-Julius Malema.

I-EFF yasola uNgizwe, oke wasebenzela Ukhozi FM, ngokucwasa ngokobuzwe emuva kokuba ethe uMalema kumele ayokhankasangasa ngakubo eLimpopo lapho okuhlala khona amanye amaShangane, hhayi KwaZulu-Natali ngona kuphethe yena.

Enikwa lemoto ewuxhaso uNgizwe uthe: “Isitha sehluliwe, asiboshwe”.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.