UMALEMA UTHI AKUNIKWE ABESIFAZANE IMALI
USOPOLITIKI wakuleli nongumholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), u-Julius Malema uphumele obala wathi yena uyahambisana nombono wokuthi abesilisa kufanele benike abesifazane abasebudlelwaneni nabo imali. Lokhu ukusho esohlelweni lukaThulasizwe Dambuza oluthi Awkward Dates.
Kulolu hlelo oludlala ku-You Tube uMalema ubeveza imibono yakhe ngezobudlelwano, ezezimali kanye nezomathandana.
Ucacise ngokubaluleka kokuthi kube nokuzimela ngokwezimali ebudlelwaneni, futhi yena uyakholelwa ekutheni kuyinto enhle mayenika umlingani wakhe imali. “Ngiyakholelwa kakhulu ekunikweni kwamantombazane imali, futhi ekutheni umlingani wakho abe nebhizinisi, akwazi nokuliqhuba ngaphandle kokuthi wena ulokhu ungenelela”, kusho yena.
Nokho ukubeke kwacaca ukuthi ngalokho akasho ukuthi kumele kwaziwe inombolo yakhe eyimfihlo yasebhange. Uthe imali nesikhathi izinto lezi kuye ezibaluleke kakhulu uma kukhulunywa ngezothando.
“Angisilo igqwetha; ngingakusiza nje”, kusho yena
UMalema uzichaze njengomuntu onothando kakhulu, lapho achaze khona ukuthi ngesikhathi eshela umkakhe, uMantoa kwaba ilapho aveza khona uthando ngendlela ayengakaze ayenze.
“Into eveza uthando engake ngayenza ilapho ngaquga khona phansi ngamadolo, ngicela umshado kumkami. Ayikho into ebonisa uthando ukudlula leyo”, kusho yena.
Uthe noma engabukeka elukhuni ngaphandle kodwa ngaphakathi uthambe njengotamatisi kanti unokubihlika isikhathi esiningi.
Okuhlekisile kule ngxoxo yabo ingesikhathi uLasizwe ebuza ukuthi sakudlala ukuthi ubani ozokhokhela ukudla abakudlayo, wathi uMalema kuzokhokhelwa uyena ngoba uyena indoda.
Muva nje kunemibiko esabalele kwabezindaba ukuthi umshado walo mholi we-EFF nomkakhe uyadunguzela