Imibono

KUNGENZEKA INKINGA IKUWE

Masimbonge uMdali ngokusinika ithuba lokubalwa nabaphilayo.

Kukaningi lapho uma izinto zingasihambeli kahle sikhomba isimo kanye nomunye umuntu. Bese sikhohlwa mhlampe ukubheka ukuthi alikho yini iqhaza esilibambile kulokho okanye akukho yini okungcono ebesingakwenza.

Namhlanje ngifisa kesizinuke amakhwapha ukuze kuzoshintsha indlela esibheka ngayo izinto. Encwadini yami esihloko sithi ‘Don’t Die in the Cage‘ ngikhuluma ngokubaluleka kokushintsha indlela obuka ngayo izinto. Alukho ushintsho oluyokwenzeka empilweni yakho ungakashintshi umqondo wakho.

Indlela oziphatha ngayo phakathi kwabantu ibalulekile. Amanye amathuba ayalahleka ngenxa yobuxhwanguxhwangu nokungamazi omunye umuntu. Ukulimala nenzondo kuba seduze kakhulu uma uwumuntu ongabazi abanye abantu. Indlela okhuluma ngayo nabanye abantu nendlela ophila ngayo kunomthelela empilweni. Kangisho ukuthi owenza kahle wehlelwa ngokuhle kuphela. Kepha kuhle ukuphilisana kahle nabantu. Kwande ubuntu.

Bese kuba yizinto ezisibambezelayo empilweni. Ikakhulukazi esikholelwa kuzo. Ungavumi imuva lakho likubambezele. Ijele elikhulu empilweni yomuntu umqondo ongasebenzi.

Umhlaba nabantu akukukweleti lutho. Ukuhlale njalo ubalisa ungenzi lutho ngeke kukusize ngalutho. Yebo kungenzeka izinto zingahlangani futhi isimo singabi sihle neze kepha yini ongayenza ukusishintsha. Kunezinto empilweni othi uma uzinika amandla phezu kwempilo yakho ziyilimaze kakhulu.

Izinto ezifana nokuthi “anginabazali”, “ngingumlanjwana”, “angifundile”, “ngadalelwa ukuhlupheka”, “angimuhle”, “ekhaya izinto zethu ziboshiwe”, “akukho okungilungelayo” kanye nokunye okuwukuzibukela phansi. Izinto ezifana nalezi noma ngabe ziyiqiniso kepha kufanele uvumele ukuthi zibuse umqondo wakho ziyabambezela. Ungahlali njalo ucabanga ngazo uze uzamukele. Unamandla okunqoba. Inqobo nje uma usaphefumula kuyolunga. Nalowo okumlungelayo akufanele acabange ukuthi okungabalungeli Okwamanje yingoba bengazami. Sonke siyazama kodwa izikhathi zokulunga kwezinto azifani.

Ngiyafisa sizikhulule emaketangweni omqondo ngokuthi singazijaji sizibize ngezimo ezimbi esidlula kuzo. Ukuthi washiwa umuntu obumthanda akusho ukuphela kwempilo. Ukuthi uphuma emndenini oweswele akusho ukuthi nawe uyokweswela uze ufe.

Namuhla ngikhuthaza ukuthi sizinuke amakhwapha nathi sibheke ukuthi sinamthelela muni empilweni esiyiphilayo futhi singenza kanjani ukuthi kubengcono kakhulu. Ngabe unamthelela muni ezintweni ezikwehlelayo? Likhona ibhadi kanti futhi kukhona ukujeziswa yimpilo ngenxa yento embi oyenzile. Kungenzeka wenze into engalungile ungajeziswa muntu kepha impilo iyakwazi ukuzibambela umuntu.

Indlela ake iqale ekuhlaziyeni ezethu izimpilo, bese siphokophela ukufeza amaphupho ethu. Impilo ingaba inzima namuhla kepha ngeke kube njalo inguna phakade. Mhlawumpe kumele sishintshe ukwenza ukuze sithole umphumela ohlukile.

Umlomo uyadala. Khuluma okuhle ngawe khuluma ukuphila nempumelelo phezu kwakho nabantwana bakho. Qaphelisisa ukuthi yini ovame ukuxoxa ngayo nabantu ophila nabo. Kukho konke esikukhulumayo akube khona nokwakhayo nokusiyisa phambili.

Zifikile nezinkundla zokuxhumana. Masiqaphele ukuthi sizisebenzisa kanjani. Kungabi wukuthi sizisebenzisela ukuthuka nokudicilela izithunzi zabantu phansi. Lokho kuba nomthelela omubi nenzondo engenasidingo.

Masijabule sizibheke ngalesi sikhathi sokuqala kwamaholidi okuphela konyaka. Asihloniphane sibekezelelane.

Kuze kube ngokuzayo.
Boni Mahlinza

*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomluleki wempilo

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.