EZISEMATHENIIzindaba

ABE-RAF BATHI ABEZUKUKHOKHELWA ABAZIPHOSA EZIMOTWENI ZIHAMBA

INHLANGANO ebhekele ukukhokhelwa kwezisulu ezilimala ezingozini zomgwaqo i-Road Accidents Fund (RAF) isiveze ukuthi sekufikile kuyona ukuthi sekunomkhuba omusha wokuthi abantu bazithanqaze ngabomu ezimotweni zihamba ukuze bezokwazi ukufaka izicelo zemali kule nhlangano uma sebelimele.

Abe-RAF bathe uma bethola ubufukazi bokuthi olimele wenze lo mkhuba ngeke akhokhelwe nhlobo imali ngisho ngabe ugcine ngokudlula emhlabeni.

Le nhlangano ikhiphe isitatimende eside futhi ebecacisa kabanzi ngokuba kwaso nolwazi lokuxhashazwa kwalesikhwama sezisulu zezingozi. “I-Road Accidents Fund isiyazi ngomkhuba omusha lapho abantu beziphosa ezimotweni ezihambayo ukuze bekwazi ukufaka izicelo zemali uma sebelimele. Laba bantu balinda imoto ize yehlise ijubane bese beziphosa kuyo ukuze bengafi noma belimale kanzima.

“Lokhu kuziphatha kuyingozi futhi kwengeza ingcindezi engenasidingo esikhwameni okufanele sihlole futhi senze uphenyo olunzulu ngesicelo ukuze kukhokhelwe umuntu okahle osifakile”, kusho isitatimende se-RAF.

Lesi sitatimende siqhubeke sathi isikhwama asibakhokheli abashayeli abadala izingozi emgwaqweni noma ngabe balimale kanjani.

Okhulumela i-RAF, uMcIntosh Pholela uthe sebebikelwe abashayeli abaningi ukuthi bebhekana nobunzima emgwaqeni lapho abantu belinda imoto inciphise ijubane bese beziphosa kuyo. “Abashayeli bayasifonela abanye befike emahhovisi ethu bezosibikela ngezinkinga ababhekana nazo emgwaqeni lapho abantu belinda ukuthi imoto inciphise ijubane bese beziphosa kuyona”, kusho yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.