UDUBULA UDUTSHULWE ESANDA KUTHUKA USOMATEKISI OHLONISHWAYO
UMLISA obedume ngokuqhulula inhlamba futhi athuke abantu ku-TikTok, uDubula Mbatha, udutshulwe wabulawa ngemuva kokuthuka isikhulu samatekisi esaziwayo futhi esihlonishwayo kule mboni. UMbatha udutshulwe amahlandla ayishumi nesithupha (16) egaraji lika-petrol lase-Sasol eGoli ngasehostela i-Jules e-Jeppestown ngeSonto emuva kokuzijabulisa nabangani bakhe eshisanyama yakwa-Steve.
Kuthiwa udutshulwa nje ubesanda kuqopha i-video exolisa ngokuhlale ethuka abantu njengoba ubeseke wathola izinsongo ngalesi senzo sakhe.
Ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kokudutshulwa, uMbatha wafaka i-video ku-TikTok esina ezibethela kuMavava Sikhakhane, emthuka. UMavara uyilungu lo mndeni wakwaGcaba owaziwayo embonini yamatekisi futhi uphinde abe umnikazi wamatekisi eThekwini naye.
USikhakhane osanda kuhola izingxoxo zenhlangano yamatekisi i-Durban Long Distance Taxi Association ngesikhathi beteleka akakaze aphendule kulezi zinhlamba kodwa abantu abamaziyo babekhathazekile ngokuphepha kukaMbatha.
Kuthe ngokuhamba kwesikhathi uMbatha wafaka enye i-video exolisa kuSikhakhane ngokumbiza “ngomfana” kanti kuleyo-video yokuxolisa ube esembiza ‘ngomfowabo omdala’. Kubukeke sengathi umlilo uye wabhuleka ngemuva kwalokhu.
Umthombo okhulume neziko lezindababa i-Scrolla.Africa uthi uMbatha ubevakashele abangani ehostela e-Jules ngesikhathi kuqhamuka inkabi kungazelele yavulela ngenhlamvu ibhekise kuMbatha.
UDubula uphuthunyiswe esibhedlela esiseduze kodwa namhlanje ekuseni sizwe kuthiwa ushonile ngenxa yamanxeba okudutshulwa,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uthe baningi abantu abangaba abasolwa njengoba uMbatha ebedume ngokuthuka abantu ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi labo abagxeka umculi kamaskandi uMthandeni SK.
Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS esifundazweni saseGauteng, uLt. Col. Mavela Masondo uthe amaphoyisa avule icala lokubulala futhi athungatha abasolwa ngemuva kokudutshulwa nokubulawa kowesilisa oneminyaka engamashumi amathathu nambili eGoli ngeSonto ebusuku.
Uthe imbangela yalokhu kudubula ibingakaziwa okwamanje.
Ucela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungasiza ophenyweni noma ongasiza ekubanjweni kwabasolwa ukuba ashayele amaphoyisa aseduze noma ashayele i-Crime Stop ku-08600 10111.
Lolu daba lucashunwe ezikweni lezi ndaba i-Scrolla.Africa