Imibono

UYOBAMBEKA KAHLE MHLA WAPHUMA EMANDLENI URAMAPHOSA

KUYAYE kube umqansa ukwenza omengameli osuke ephethe ngaleso sikhathi ukuba abhekane namacala uma esolwa ngokungenzi kahle. Ziningi izimbangela ezenza kungabi lula ukuthi lowo osuke esemandleni avikeleke ngisho noma engenzi kahle. Yize noma siphila ngaphansi kombuso wentando yeningi, siholwa umthetho-sisekelo othi sonke siyalingana emehlweni omthetho, lokho kuyinto nje efana nesisho kodwa engasoze yenzeka.

Umengameli wezwe uyohlale ephunyuka emacaleni abhekene nawo inqobo nje uma esesemandleni. Koze kusize kona ukuthi aphume emandleni kube yima umthetho ukwazi ukumbamba. Le nto yiyo futhi eyenza ugcine usubona iningi lomengameli bamazwe, ikakhulukazi lapha ezwenikazi lase-Afrika begcina bengafuni ukuphuma emandleni.
Basuke bazi ukuthi ukuphuma kwabo emandleni kusho ukulandelwa inkindlane yamacala ezinto ababezenza besaphethe.

Ezinsukwini ezidlule sibone izinhlangano zepolitiki ezihlukene esingabala kuzo i-African Transformation Movement (ATM) kanye ne-Economic Freedom Fighters (EFF) ziya enkantolo yomthetho-sisekelo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi uMengameli wezwe uMnumzane uCyril Ramaphosa ubhekana namacala ngodaba lwePhalaphala. La maqembu afisa ukuba siguqulwe isinqumo sephalamende sokushaya indiva umyalelo wephaneli ebizwa ngokuthi i-Section 89 eyathi umengameli kufanele aphendule ngodaba lokungaziphathi kahle ngolwePhalaphala

Lolu udaba oluke lwaba sematheni ngemuva kokuba uMatamela esolwe ngokuthi wasebenzisa ifamu lakhe ukukhwabanisa izindodla zamadola aseMelika ezingenisa kuleli ngokungemthetho.

Ngisho singathini isinqumo esizokhishwa inkantolo yomthetho-sisekelo, okufanele sikwazi singabantu ukuthi lolu daba lusekude ukuphela. Kusazoba nezivimbelo eziyinqwaba nje ezizoqinisekisa ukuthi uRamaphosa akayi enkantolo. Sesiyosizwa yikho ukuthi aze aphume emandleni nokuyilapho-ke ezobe engasemawo khona amandla. Leyo iyona ndlela yokuqinisekisa ukuthi osopolitiki bayabhekana namacala abawenza besasezikhundleni.

Lokhu akwenzeki ngoba kunguye kodwa sizokhumbula ukuthi sakubona lokhu kwenzeka kuMnuz. Jacob Zuma naye owake waba umengameli waleli. Maningi amacala athweswa wona kodwa kuze kube imanje akukho nelilodwa aseke watholakala enecala kulo, kunalokho nje la macala ahlale ehlehla.

Okuyosala kungumbuzo-ke ukuthi, ngabe iyiqiniso kangakanani eyokuthi sonke siyalingana uma kufika kwezomthetho.

*Sandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University. Ungaxhumana naye kuleli kheli le-email elithi: sandile.khumalo@macmillaneducation.co.za

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.