Izindaba

KUDUBELENE IZIGEBENGU (2) ZIBANGA IMALI EZIYIPHANGE KUBANTU

AMAPHOYISA ase-Free State abophe umlisa oyedwa odubule omunye emuva kokuphanga isisulu abasiphange imali yaso ngesonto eledlule. Kuthiwa labasolwa babambe, bathumba umuntu ehamba nabangani bakhe ababili emasontweni amabili edlule bamphanga isizumbulu semali engadalulwanga.

Okhulumela amaphoyisa u-Sgt. Mahlomola Kareli uthe isisulu, nabangani baso babanjwa, bayiswa endlini ethile esesigcemeni sakwa-A, eBotshabelo ngaphandle kwase-Bloemfontein.

“Isisulu sibe sesiyayelwa ukuthi sithumele imali nge-App sisebenzisa umakhalekhukhwini waso. Emuva kwalokho sibe sesivula icala lokuthunjwa nokuphangwa imali esiteshini samaphoyisa saseSelosesha ukuze kuphenywe”, kusho uKareli. Wengeze ngokuthi uphenyo lwamaphoyisa luthole ukuthi laba abebethumbe isisule babe sebebanga imali, badubulana.

Amaphoyisa akwazile ukubopha oyedwa kanti omunye usagcwele amathafa.U-Sgt. Kareli uthe ngomhlaka-26 Lwezi 2024 amaphoyisa athola ulwazi lokuthi omunye wabasolwa uhamba ngemoto eyi-Toyota Corolla enezinombolo zaseLesotho, wabe esechazwa ukuthi unjani. Ucingiwe waboshwa ngoLwesihlanu ngecala lokuhlukumeza ngokushaya emndenini

“Uthathiwe wayiswa esibhedlela lapho abhekwe khona amaphoyisa. Omunye wabasolwa usafunwa amaphoyisa.

Umsolwa oboshiwe uzokwengenzelwa amacala okuthumba nokuphanga bese evela enkantolo iSelosesha Magistrate Court namuhla.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.