UMBUSO UTHI NGEKE AFAKAZE U-KELLY KHUMALO KWELIKA MEYIWA
NAKUBA selimataniswe amahlandla amaningi igama lika-Kelly Khumalo nabesilisa abahlanu (5) abasolwa ngokubulala owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, umbuso uthi ngeke angene ebhokisini lofakazi. Umbuso umile kwelokuthi u-Kelly ungumuntu oqavile kuleli cala kodwa ngeke umbize ukuthi azofakaza.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMeyiwa wadutshulwa wafa esekhaya lakwaKhumalo e-Vosloorus empumalanga yeGoli ngo-2014. Njengamanje bahlanu abesilisa abavele enkantolo i-Pretoria High Court ngecala lokubulala uMeyiwa owafa enengane no-Kelly.
Umphenyi omkhulu waleli cala, uBrigadier Bongani Gininda uyena ophekwa ngemibuzo ummeli wabamangalelwa njengamanje, uZithulele Nxumalo.
“Uzoza yini uNks. Kelly Khumalo ukuzofakaza enkantolo”, kubuza uNxumalo.
“Kusekuboneni kombuso ukuthi ibaphi ofakazi obabizayo ayi umphenyi wecala. Ngasekupheleni kwecala, siyobadedela ofakazi umbuso ongababizanga ukuthi betholakale kubammeli babamangalelwa”, kungenelela umshushisi wombuso u-Adv. Geoge Baloyi.
“Umbuso uzonquma ngasekupheleni kwecala futhi ofakazi ongababizanga uzobadedela ukuthi betholakale kubammeli babamangalelwa”, kugcizelela ijaji.
“Ngifuna ukwazi manje ngoba umbuso usushilo ukuthi u-Brigadier Gininda ufakazi wawo wokugcina”, kusho uNxumalo.
“Kuqoshiwe, sishilo ukuthi ngeke simbize uNks. Kelly Khumalo ukuthi azofakaza”, kuqinisekisa u-Adv. Baloyi.
“Usuzwile Mnumzane”, kusho ijaji.