UKHWANTALALA LUMENZE WAMA EMCULWENI U-DJ FISHERMAN OSESHAYA IBUYA
UTHI ubesafuna ukuzinika isikhathi abhekane nokulapheka ngokomqondo, USfiso ‘DJ Fisherman’ Mjoli othi ubexinwe ukhwantalala. Usho kanje ekhuluma nephephandaba i-Daily Sun lapho avuleleke khona ngomculo wakhe wakamuva kanye nebanga aselihambile empilweni.
U-DJ Fisherman ugcine ukukhipha umculo ngo-2014, kanti edalula isizathu sokuma kwakhe uthe ubedinga ukuthola sokuphumza umqondo nokulungisa indaba yezimali okumele azithole ngokudlalwa komculo wakhe.
Abantu abebethola ithuba lokukhuluma naye bebemcela ukuthi abuyele emculweni, nokho ugcine ebazwile njengoba esekhiphe i-album ayiqambe ngokuthi Chapter X.

Isithombe: I-cover ye-album ka-DJ Fisherman
Echaza ngale-album yakhe i-Chapter X uthe izohlanganisa uhlobo lo mculo wokudansisa aziwa ngawo, nesigqi se-contemporary nokusho ukuhkula kwakhe endimeni. “Bengizwa sengathi kunodaba okungaxoxiwe. I-Chapter X imayelana nokubuyela kwami entweni engiyithandayo ngendlela entsha nokuqonda okujulile ukuthi ngingubani njengeciko.
“Emuva kokuthatha isikhathi sokuzifuna futhi ngikhula, bengifuna ukwenza into ezoba ungqo kulolu hambo lwami”, kusho yena.
Uthe ngesikhathi esahlabe ikhefu leminyaka eyishumi emculweni, uqaphele ukuthli ukuthuthuka kobuchwepheshe kwenza kube nezinselelo, njengoba kuphoqe ukuthi azijwayeze nokuxhakaxhaka obusha bemishini yokusebenza. Uthi ubemanqika kodwa ukusebenzisana nabaculi nabadidiyeli abanethalente kumenze wagqugquzeleka futhi wathola ukwesekwa. Lokhu kusebenzisana kuqubule uthando kanye nokuqamba umculo, obekubeka ukubaluleka kokuba imbumba kwezobuciko.