Izindaba

UTHANDISWA MAZWAI UZOGUBHA UNYAKA OBE MUHLE NABALANDELI

UMCULI we-afropop kuleli, uThandiswa Mazwai uzobonga unyaka obe muhle ngokwenza umcimbi obizwa ngokuthi ‘Umbulelo’ ngoMgqibelo e-State Threatre ePitoli. Kulo mcimbi kulindeleke ukuthi aqhulule amanoni ezingoma akuma-album akhe amane.

“Yonke into iqale kahle. Sonke kufanele sivule amehlo sibone ubuhle obenzeka empilweni yethu njengoba zikhona nezinkinga ezidalwa izimo ezihlukene. Ngenza lo mcimbi ukubonga kuMdali, umndeni wami, abangani bami nakubalandeli bami ngokuma nami futhi babe ibhaxa engibambelela kulo ngezikhathi zobunzima”, kusho uMazwai.

“Inhloso yomcimbi ukubonga bonke abantu abangesekile. Umndeni wami, abangani nabobonke abantu abahle abalalela umculo wami. Bengingeke ngifike lapha ngaphandle kwenu futhi ngimagange ukucula nani e-Stable Theatre”, kusho yena.

Kulo nyaka uMazwai ugubha iminyaka engamashumi amabili (20) akhipha i-album yakhe yokuqala ethi Zabalaza, kanti uphinde wakhipha ethi Sankofa. Ube esekhipha umsebenzi wokuqala awubiza ngokuthi i-Tiny Desk Concerts awufake ku-YouTube wabukwa abantu abangaphezu kuka-900 000.

Kuthe ngoLwezi wahambela amakhonsathi omhlaba lapho ebanandisa khona emazweni emadolobheni afana no-Boston nase New York e-United States, nase-Toronto e-canada nase-London.

“Kulo nyaka ngibe nesikhathi esimnandi nginandisa e-Lincon Centre e-New York, ngaleso sikhathi ngiphinde ngaya kwi-festival ebise-Carnegie Hall Citywide saphinde saqopha umsebenzi we-TinyDesk obuzongena ku-YouTube.

“Sisanda kubuya ukunandisa kwi-London Jazz Fest, ngakho kunzima ukusho ukuthi ikuphi engikuthandile. Ngingathini ayikho indawo efana nekhaya”, kusho uMazwai.

“Sengiphile impilo engaphezu kwalokhu okungamaphupho ami. Ngifuna ukukhunjulwa njengomuntu osebenzise izipho zakhe ukusebenzela abanye abantu”, kuphetha yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.