EZOMPHAKATHIIzindaba

UMASIPALA WASEMANDENI WETHULE UHLELO LOKUSIZA INTSHA NGEZINCWADI ZOKUSHAYELA

NJENGENGXENYE yokuvala igebe lokungalingani, ukunikeza intsha isisekelo sempilo engcono kanye nokufaka isandla ekuphuculeni impilo jikelele kubantu base Mandeni, uMasipala usingathe umcimbi wokwethula ngokusemthethweni uhlelo lokuhlinzeka abantu abasha ngezincwadi zokushayela. NgoLwesithathu uMasipala waseMandeni wethule ngokusemthethweni uhlelo lwalo nyaka lokulekelela abantu abasha ngokuthola izincwadi zokushayela. Bangamashumi amathathu nesithupha (36) abantu abasha abazohlomula kulolu hlelo.

I-ward ngayinye kwangu kwayishumi nesishiyagalolunye (18) aseMandeni kuhlomule abantu abasha ababili kanti bonke laba bahlonzwe ngokwezicelo okwavulwa ukufakwa kwazo ngoNcwaba kulonyaka.

Enkulumweni yemeya yomkhandlu waseMandeni, ikhansela uMnuz. Thabani Mdlalose iveze ukubaluleka kokuthola izincwadi zokushayela njengokhiye olekelela abantu abasha ukuthi bavuleleke amathuba amaningi ahlukene.

“Ukuba nezincwadi zokushayela kuyalekelela ezintweni eziningi, isikhathi esiningi amathuba avelayo adinga abantu abanezincwadi zokushayela, kanti kuyaye kube lula nokuqasheka kanye nokuzithuthukisa emikhakheni eyahlukene. Siyababongela abahlomulile siyethemba lokhu kuzoba ithuba kanye nesiqalo sokushintsha izimpilo zabo”

Umthombo: Ikhasi lika-Facebook/Mandeni Municipality

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.