NGABE ISIVUMELWANO SE NIGERIA NELAKULELI ASIDAYISI YINI NGABENGABADE?
OHAMBENI lwakhe lomsebenzi umengameli waseNigeria, uMnuz. Bola Ahmed Tinubu uthole ukwamukelwa ngezandla ezimhlophe umengameli waseNingizimu Afrika, uMnuz. Cyril Ramaphosa. Lolu hambo obelungoLwesibili, mhlaka-3 Zibandlela e-Tuyhuys e-Cape Town bekungolokuqinisa amaxhama okusebenzisana phakathi kwalamazwe.
Nokho kuthusile ukuzwa enkulumeni kaMnuz. Ramaphosa yokwamukela lo mengameli ukuthi abantu baseNigeria sebezovumeleka ukungena eNingizimu Afrika ngaphandle kokuthi bakhiphe izincwadi ezibagunyaza ukungena kuleli (passports). Lokhu umengameli uthe imizamo yokujulisa izingxabo zokubambisana kwezomnotho nokudala inkundla yokubhekana nezinselelo kanye nokuvula amaqhinga okuhweba nokutshala imali phakathi kwalamazwe.
Akuphikiwe ukuthi izwe laseNigeria lingelinye lahamba phambili kwezomnotho e-Afrika, ngakolunye uhlangothi kuyaziwa futhi kuleliya zwe kunenqwaba yezidleke ezikhiqiza izidakamizwa bese zidayizwa emazweni afana neNingizimu Afrika. Imboni yezidakamizwa ngenye yezenza imali enhle kakhulu emhlabeni kanti eNigeria kuyaziwa ukuthi leli ibhizinisi eseliphendule abantu bakhona abaningi izinjinga.
Ngakho isinqumo sikahulumeni wakuleli sokudedela iNigeria ngalendlela siyathusa. Sikhuluma nje eThekwini kuphela abantu baseNigeria banezidleke lapho bedayisa khona izidakamizwa sengathi kusemthethweni, bagwamande amabhilidi abawathole ngenkohlakalo, baqhuba amabhizinisi aqola abantu mihla namalanga. Ngabe uhulumeni wakuleli ngesikhathi ucabanga ngalesi sinqumo ucabangile yini ngakho konke lokho. Akubukeki uhulumeni azi ukuthi kwenzakalani ezindaweni okuphila kuzo abantu.
Kubukeka sengathi elakuleli sekuzoba yikwathela wayeka, wonke umuntu waseNigeria usezozenzela umathanda kwazise nezomthetho zakulelizwe aziqinile kangako futhi ziyathengeka mawunemali enhle.
Bekuzoba kuhle ukube bekuhlonzwe uhlobo lwamabhizinisi uhulumeni waseNingizimu Afrika azowavumela ukuthi kube yiwo avunyelwa ukuba avulwe kuleli, ngoba okwamanje uvele wavulela isaka lezinyosi. Kuzoba ikwamachanca, futhi abantu bakuleli kuyacaca ukuthi abavikelekile.
Engizibuza khona ukuthi njegoba izwe lisabhekene nenselelo yabantu abafike kuleli bavula izitolo ezindaweni ezingamalokishi nasemakhaya okumanje ukudla okudayiswa kuzo kubulala izingane, kuzoqinisekiswa kanjani ukuthi abantu bakuleli baphephile. Ukuba khona kwabantu abangenazincwadi zokuba kuleli ngeke yini kudale inkinga kwabomthetho ekutheni bekwazi ukunqanda isimo esifana nalesi esisibona senzeka manje.
Noma ngabe uhulumeni kaMnuz. Ramaphosa ubuyibuke kanjani lento kodwa umbuzo esizibuza wona ukuthi abantu bakuleli bavikelekile yini kulokhu kubambisana kwalamazwe futhi bazozuza kanjani bona.
Siyazi ukuthi kumanje kunohlelo olubizwa nge-African Continental Free Trade Area oluzovumela ukuhwebelana okungenambandela phakathi kwamazwe ase-Afrika. Akuyona into embi leyo kodwa kubalulekile ukuba kuvikelwe izakhamizi ezikulawo mazwe. Abanye bazothola ithuba lokuqhuba izenzo zokugebengu ngawo lamathuba akhiwayo.
Siyavumelana nokuthi amazwe ase-Afrika asebenzisane ukwakha nokuthuthukisa umnotho wabantu bawo kodwa siyanxusa futhi ukuthi ohulumeni bavikele izakhamizi.
Manje njengoba abantu baseNigeria sebezovumeleka ukungena kuleli ngokukhululeka, ngabe abakuleli bona bazokwazi yini ukungena eNigeria ngendlela efanayo. Uma kungafani lokho kuchaza ukuthi abakuleli kudayiswe ngabo.
*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]