KUSHINTSHWE ONGQONGQOSHE ISIGUBHUKANE KUBALEKELWA IHLAZO
UMENGAMELI wakuleli uMnuz. Cyril Ramaphosa uphoqeleke ukuthi enze izinguquko ethimbeni lakhe lo ngqongqoshe ukuze avike ihlazo lokufukamela obengungqongqoshe wezobulungiswa nokuthuthukiswa komthethosisekelo, uNkk. Thembi Simelane. Lo ngqongqoshe usoleka enkohlakalweni okuthiwa yenzeka eseyimeya kumasipala wasePolokwane eLimpopo ngesikhathi ethola imali-mboleko engu-R575 000 kwinkampani eyayifakelwa imali ibhange i-VBS Bank.
Le mali uNkk. Simelane wayisebenzisela ukuvula isitolo setiye nokuhlinzeka ngokudla i-Silvanas Coffee Shop kanti kwabuye kwavela ukuthi imali yaleli bhizinisi ubeyisebenzisela ukuqhakazisa impilo yakhe ebiphezulu.
UMnuz. Ramaphosa umkhiphile esikhundleni sakhe wafaka obengungqongqoshe wezokuhlaliswa kwabantu, uMmamoloko Kubayi osekunguye osezoba ungqongqoshe wezobulungiswa nokuthuthukiswa komthethosisekelo kuleli. UNkk. Thembi Simelane usezoba ungqongqoshe wezokuhlaliswa kwabantu.
Ezinye izinguquko ezenzekile ukuqokwa kukaNks. Phumzile Mgcina njengesekela likangqongqoshe wezokumbiwa nemithombo yamafutha esuka esikhundleni sokuba isekela likangqongqoshe wezokuqashwa nemisebenzi. UNkk. Judith Nemadzinga Tshabalalayena uqokwe njengesekela likangqongqoshe wezokuqashwa nemisebenzi esuka esikhundleni sokuba isekela likangqongqoshe wezokumbiwa nemithombo yamafutha.
Ememezela lezi zinguquko uMnuz. Cyril Ramaphosa uthe inhloso yokuzenza ukuqinisekisa ukuthi uhulumeni wakhe usebenza kahle ukuze ufeze isethembiso sokubekelwe.