Izindaba

KUMISWE ISIKHULU SE-SASSA NGEZINSOLO ZOKUQASHWA NGE ‘TIYE’

KUMISWE i-Chief Executive Officer (CEO) yenhlangano eholela izibonelelo kuleli i-SASSA, uNkk. Busisiwe Memela-Nkambula njengoba kusaphenywa izinsolo zokuthi waqashwa ngokwenzelela kulo msebenzi okudume ngokuthi itiye.

Lesi sikhulu simiswe ngoLwesibili kulandela ukuvela kwezinsolo zokuthi kwaba nokwenzelela ngesikhathi eqashwa. Kuvele ukuthi yize emisiwe kodwa umholo wakhe uzowuthola uphelele.

Ungqongqoshe womnyango wezokuthuthukiswa komphakathi kuzwelonke, uNks. Nokuzola Tolashe uthe isinqumo sokumiswa kwesikhulu esiphezulu se-SASSA sithathwe ngenxa yokuthi bekudedelwa uphenyo ukuthi luqhubeke ngaphandle kokuphazamiseka.

Uthe ihhovisi lomvikeli womphakathi lithole izinsolo ezibucayi okuholele ekutheni yena njengongqongqoshe womnyango athathe isinqumo esinqala nge-SASSA.

Abe-SASSA bathe bekubalulekile ukuthi sithathwe lesi sinqumo ukuze kuvikelwe isithunzi nobuqotho bukaNkk. Memela-Nkambule. Ungqongqoshe utuse indlela ehloniphekile esiziphathe ngayo isikhulu esiphezulu se-SASSA ngesikhathi aziswa ngesinqumo sokummisa esikhundleni.

Ungqongqoshe Tolashe uthe zonke izinqumo zithathelwe ukubeka i-SASSA endaweni efanele futhi zithathelwe ukubeka phambili izigidi zabantu abazuza ngezibonelelo.

“Nakuba sibhekene nenqwaba yezinkinga kwa-SASSA, sifuna ukuphinde sithathe izinqumo ezinqala ukuqinisekisa ukuthi yonke into isobala, yenzeka ngendlela futhi kahle. Sifuna ukuba inhlangano esiza ukulwa nendlala nobubha ezweni”, kusho ungqongqoshe Tolashe.

Okwamanje umphathi we-SASSA eGauteng, uMnuz. Themba Matlou uyena ozobamba njengesikhulu esiphezulu kwa-SASSA kuze kuphothulwe udaba oluthinta uNkk. Memela-Nkambula.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.