Imibono

KUBALULEKILE UKUBONGA

UKUPHILA kukodwa nje kungumusa kaJehova. Baningi ebebefisa ukubona usuku lwanamuhla abasalubonanga. Bebenezinhlelo mhlawumbe futhi ezinkulu kepha alubange lusafika lolusuku.

Siyabonga ukuthi thina sivukile salubona lolusuku. Ikusasa asilazi. Ukuphuma endlini ubuye usaphila kungumusa kaThixo. Ziningi izimo osudlule kuzo ezinye kwakumele ziqede ngempilo yakho. Baningi nabantu abangaphatheki kahle ngokuthi uyaphila. Usuku nosuku bahlale belangazelele ukuzwa izindaba ezimbi ngawe. Bafisa sengathi ungahluleka, uphoxeke, ulahlekelwe, ulahlwe noma ulimale abanye bafisa ngisho ukuthi ufe. Mbonge uMdali ngakho konke.

Siyakhuleka kwesinye isikhathi size sizile ukudla sicela kuJehova kepha kuba kuncane ukubonga uma esefezile ebesikucela.

Ukubonga kuqala ngokukwazi ukubonga isidalwa esingumuntu. Uzombonga kanjani uMdali usehluleka ukuthi “ngiyabonga” kumuntu okusizile?. Nginenkolelo yokuthi wonke umuntu ongisizayo kusuke kuyicebo likaMdali. Ngakho ke kuhle ukubonga uma usizakala.

Uma ubonga usuke uziqeda umona futhi usuke wandisa amathuba okuthi izinto zinhle zize kuwe. Uma uzifundisa ukubonga nokuncoma usuke umema injabulo nempumelelo empilweni yakho. Umuntu ongakwazi ukubonga akasizeki futhi uba nesigcwagcwa. Abanye abantu Uma besenzela into basuke bengabheke lutho kepha igama elithi ngiyabonga linobuNkulunkulu futhi liyamthokozisa osuke enze okuthile. Mubi umuntu ongabongi.

Emhlabeni sonke sizophila asikweletani lutho. Esikwenzayo sikwenza ngothando. Uke wabonga nje ngothando onikwa lona? Uke wabonga kumuntu okwenzele noma okuphe okuthile?. Masizifundise ukubonga. Kunabantu abake bafika nelambu ngezikhathi kunobumnyama ezimpilweni zethu. Kunabantu abake basisiza singacelanga. Kunabantu abaphakamise amagama ethu ngesikhathi bezwa amathuba basicabanga. Kunabantu abavikele amagama athu engcoliswa singekho. Kunabantu abasinika uthando nenhlonipho. Kubo bonke lababantu siyabonga uJehova abandisele.

Bakhona ke abantu abathi uma bekusizile bese behambe bekhuluma ngawe ukuthi nimbona nje wasizwa yimi. Bakhona futhi abantu abahlale befuna ubakhothamele njalo ngenxa yokuthi bakusiza. Lokho ke angiboni ukuthi kulungile ngoba uma usiza umuntu kumele kusuke ngaphakathi kuwe. Akusho ukuthi umuntu sekuyomele abe yisicashalala salo omsizile. Kanti futhi nosiziwe angalweyi usizo alunikiwe. Sonke siyazi okumele sikwenze.

Ngifisa ukubonga Kubo bonke abafunda lengosi. Imiyalezo engiyitholayo ibalulekile. Asiqhubeke njalo sifunde iphephandaba lethu uMkhaya.

Sengathi uJehova engaphendula imikhuleko yakho ujabule nawe njengabanye abantu.
Kuze kube ngokuzayo

Boni Mahlinza

*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomluleki wempilo

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.