Izindaba

UGWETSHWE IMINYAKA ENGU-12 OWESIFAZANE OSONTE INDODANA (2) INTAMO YAFA

OWESIFAZANE wase-Dobsonville owaziwa ngoSindiswa Dlamini ugwetshwe iminyaka eyishumi nambili (12) etholoza ejele emuva kokubulala ingane yakhe yomfana eneminyaka emibili (2) ngokuyisonta intamo. Ingane ebulewe ilona wesifazane oneminyaka engamashumi amathathu nambili (32) ingu-Lee Dlamini.

Ngokusho kokhulumela i-National Prosecuting Authority (NPA), uPhindi Mjonondwane uthe ngesikhathi amaphoyisa ephenya ngalesi sigameko athole ukuthi lona wesifazane wenze lokhu edinwe kakhulu emuva kwengxabano yomndeni ebikhona ekhaya.

“Uphume wayohlala emotweni yakhe, ekhala kwabe sekungena ingane phakathi emotweni izodlala. Wadinwa kakhulu, wathatha ingane wayisonta intamo yaze yafa”, kusho yena.

UMjonondwane uthe kuthe mayebona unina wengane ukuthi useyibulele, wazama ukuyivusa kodwa kwasho ukuthi selidume ledlula. “Ube esezinikela esiteshini samaphoyisa esiseduze, washo futhi ukuthi usenzeni. Ube eseboshwa futhi wangayichithela isikhathi inkantolo, walivuma icala lokubulala”, kusho uMjonondwane.

Kuthiwa ngesikhathi kuqulwa icala umshushisi akazange akwamukele ukuxolisa kwakhe ngokuvuma icala ngoba akazange alikhulume iqiniso eliphelele ngobekungaholela ekutheni aze abulale ingane yakhe.

Umbuso ube usubiza ubaba wengane ukuthi azofakaza ngakwaziyo. “Uthe ungumuntu oyiseka ngakho konke indodana yakhe, futhi kuze kube namuhla akaqondi ukuthi kungani unina wengane yakhe ubengenza isenzo esinje enganeni”, kusho uMjonondwane.

Ummeli ophezulu wombuso u-Adv. Monde Mbaqa uthe isenzo sikamsolwa asikhombisanga ububele, uma kufanele kwenziwe ubulungiswa kumele aboshwe futhi ajeze.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.