UDUBULEKE WAFA UTHISHA KUBANJWA IMOTO YEMALI EMZINGAZI
KUBE usuku lokugcina ebona ilanga uthisha obephume ekhaya eya emsebenzini ngesikhathi ebhekana nezimbila zithutha, ehlangana nenhlamvu ebindiza emoyeni kade kubanjwa inkunzi imoto yemali eMzingazi ngase-Richards Bay, KwaZulu-Natali ngoLwesibili ekuseni.
Kuthiwa uBonisiwe Maphumulo onguthisha eMzingazi Primary School udubuleke esemotweni yakhe ebheke emsebenzini ekuseni. Uyena yedwa odubulekile kule sigameko esenzeke ngaseNzalabantu Primary School.
Umgwaqo u-Dune Road usavaliwe okwamanje kuyo yomibili imizila njengoba amaphoyisa esaqhuba uphenyo endaweni yesigameko. UMKHAYA uthole ukuthi lo thisha udubuleka nje ubesanda kuhlonishwa umnyango wezemfundo kuzwelonke emcimbini wezindondo waminyaka yonke i-National Teachers Awards.
Umbiko ongakaqinisekiswa amaphoyisa ukuthi umzamo wokuphanga imoto ethwala imali yakwa-G4S awuphumelelanga futhi bekungakaboshwa muntu okwamanje ngalesi sigameko kanti abasolwa basagcwele amathafa.