U-TBO TOUCH WESEKA UKUVALWA KWABANO-16 UKUNGENA EZINKUNDLENI ZOKUXHUMANA
UMSAKAZI we-Metro FM uThabo ‘Tbo Touch’ Molefe usephumele obala weseka ukuvalwa kwentsha eneminyaka eyishumi nesithupha (16) kuya phansi ukuba ingene ezinkundleni zokuxhumana ezifana ne-Instagram ne-Tiktok ezweni lase-Australia. Lesi sinqumo sishayelwe ihlombe abantu abaningi emuva kokuba uhulumeni wakuleliya zwe eshaye lo mthetho ukuze kuvikelwe isimo somqondo wezingane kulaba abazilulazayo futhi zivikelwe kulaba abafaka izinto okungamele zizibone.
Ekhuluma engxoxweni asanda kuba nayo neziko lezindaba i-Insiders, uNdunankulu wase-Australia, u-Anthony Albanese ubalule ukubaluleka kwalo mthetho.
“Ngike ngahlangana nabazali abangcwabe izingane zabo ngenxa yamandla izinkundla zokuxhumana ezinawo, ngenxa yokuthi abanye bebelulazwa futhi kufanele kube khona esikwenzayo ngalokhu”, kusho yena ecacisa ukuphuthuma kwalolu daba.
Umthetho lo mthetho abawushayile ungowokuqala emhlabeni. “Ngingakuqinisekisa nje ukuthi umhlaba uyabuka”, kusho yena.
Lo mthetho awuvuleli ithuba kulaba asebevele bayangena ezinkundleni zokuxhumana, noma laba abazali babo abathi bona abanankinga kodwa uzovimbela ukuthi wonke umuntu oneminyaka engu-16 angakwazi ukungena.
Usaziwayo wakuleli odume nasemazweni aphesheya, u-Tbo Touch ubhale ekhasini lakhe le-Instagram wazwakalisa ukuweseka lo mthetho kahulumeni wase-Australia.
Lo msakazi uveze ubungozi bezinkundla zokuxhumana ezinganeni, wazibiza ngomthombo wezinkinga futhi isango elibheke ekuboneni izinto ezingazilimaza. “Umhlaba wonke kumele ulandele kulokhu. Inhliziyo yami iya kulezi ngane zesizukulwane samanje. Bantshontshelwe ubumsulwa kwabo ngalemibukiso yocansi nodlame evezwa kulezi zinkundla, okuyikho okudala ukuthi abanye bengazazi ukuthi bangobani”, kusho yena.
U-Tbo Touch uphinde waveza izinselelo ezibhekene nabazali ekubhekeni ukuthi izingane zabo zenzani ezinkundleni zokuxhumana, futhi lokhu kungaphatha kabi impilo yangokomqondo yengane.
“Angeke sithi kwanele ngoba omunye kwenye indawo angaziveza njengongcono yena. Kunzima kubazali. Singafunda okuthile kuhulumeni wase-Australia, ekutheni singakunqanda ukusabalala kwezinga lokuzibulala kwezingane nokululazana okwenzeka kulezi zinkundla”, kusho yena
Baningi abakholwa ukuthi ukuvalwa kokungena ezinkundleni zokuxhumana kwezingane ezincane kungasiza ekwehliseni ukubeka obala izinto ezingazilungele izingane futhi kunciphise nokululazwa kwazo okwenza kuqonge ingcindezi empilweni yazo.
Lo mthetho omusha wase-Australia usuthole ukunakwa nangamanye amazwe omhlaba ngoba ubuza umbuzo obalulekile othi bangenza kanjani ohulumeni emhlabeni ukuvikela inhlalakahle yentsha kulokhu kukhulu kokusetshenziswa kwezinkundla zokuxhumana.