U-LT. GEN. MKHWANAZI UTHI OSOMATEKISI ABAQHINQILE BAZOBHEKANA NOLAKA LWABO
UKHOMISHANE wamaphoyisa KwaZulu-Natali, u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi uthe bazobhekana nolaka lwamaphoyisa akhe uma beke benza okuphambene osomatekisi abaqhinqe namatekisi abo ngoba bekhala ngokuzitholi izimvume zokuba kwezimtoto zabo emgwaqeni. U-Lt. Gen. Mkhwanazi uthe amaphoyisa azohlala kubona izithonto abashayeli bezimoto abaphula imithetho yemigwaqo futhi abaphazamisa amalungelo abanye abantu.
Ubekusho kwivimbamgwaqo ebelenziwe engwaqeni u-N3 ngase-Marrianhill Toll Plaza ngoLwesibili. Uthe yize amaphoyisa ewahlonipha amalungelo osomatekisi okuteleka kodwa akekho umuntu ovunyelwe ukuphula umthetho.
“Wonke umuntu unelungelo lokuteleka, iyodwa into engavumelekile, ukuthi umuntu axove ilungelo lomunye umuntu ongeyona ingxenye yokuqhinqa. Ngakho, bonke laba ababambe iqhaza esitelekeni semboni yamatekisi, kumele bekwenze lokho belandela umthetho futhi bengaphazamisi abanye abantu.
“Uma sebephazamisa abanye abantu, abasasebenzisi ilungelo labo kodwa sebenza ubugebengu. Ingakho nje kumanje sizingela, sizingela abanikazi bamatekisi abebevimbe umgwaqo. Sizingela laba abebekade bevimba amaloli futhi bethatha okhiye emalolini futhi sizobathola. Sizokwenza isibonelo ngabo”, kusho u-Lt. Gen. Mkhwanazi.
Ungqongqoshe wezokuthutha esifundazweni saKwaZulu-Natali, uMnuz. Sboniso Duma uthe ivimbamgwaqo ebelenziwe ngokuhlanganyela amaphoyisa e-SAPS nawe-Durban Metro Police likwazile ukwenza kube nesimo sesimeni esikahle emgwaqeni u-N3.
Ukhulume kanjena uMnuz. Duma ngoba ezinsukwini ezedlule kuke kwaba nokuphazamiseka kokuhamba kwezimoto emigwaqeni ehlukene KwaZulu-Natali njengoba abamatekisi ahambela amabanga amade i-Durban Long Distance Association bebevala imigwaqo emikhulu bekhala ngokunganikwa kwezimoto zabo izimvume zokuba semgwaqeni.
“Kusukela ekuseni silapha, ilokhu sifike ngehora lesikhombisa (07:00), kodwa kwaba nokuphazamiseka obekwenziwa abamatekisi. AbaseThekwini abebenza lokhu, bebezama ukuvala umgwaqo. Manje sinesixaxa esisebenzayo esihlanganisa i-SAPS, Shanela ne-Durban Metro Police – ngakho sikwazile ukuqinisekisa ukuthu siyabakhalima kodwa umsebenzi oqhubekayo.
“Into evamile, cishe bonke oZibandlela, kukhona labo abangafuni ukulandela imithetho yomgwaqo, abangenazo izimvume, abafuni ukulandela umthetho. Khona manje siqeda ukumisa itekisi ebeyivela e-Hammarsdale, ebingeyo imvume. Kuphoqe ukuthi sithulule bonke abagibeli ukuze baphephe ngoba ngale kwalokho impilo yabo ibizoba sengcupheni”, kusho uMnuz. Duma.