Imibono

OKWENZEKE KUMALEMA MAKUSIFUNDISE OKUTHILE NGOBUHLOBO

UBUHLOBO yinto wonke umuntu ayidingayo empilweni. Ziyahlukana-ke izinto umuntu ngamunye azidingayo ebuhlobeni ngabunye. Okubaluleke kakhulu kunakho konke futhi engicabanga ukuthi sonke siyakudinga, ukuba nabahlobo ongathembela kubo ngaso sonke isikhathi.

Kuye kube inkinga uma uzothola usujikelwa yibo labo bantu osuke uzitshela ukuthi bangabahlobo. Impilo kuvele kube sengathi iqala phansi ngoba lowo ojikeliwe uzizwa sengathi kusuke sekuphelile ngaye. Abahlobo yibo esineka zonke izinkinga zethu kubo ngenhloso yokuthola usizo. Yingakho kuye kube nzima ukwamukela ukuthi lowo obusuke umthembe ngempilo yakho usekujikelile.

Okwenzeka kuMnumzane uJulias Malema njengamanje kuyisibonelo esihle impela sokuthi akufanele uthembe umuntu, ikakhulukazi labo osuke ubabiza ngabangani. Angiphathi uma kuza kupolitiki. Laba abantu abangenakho nhlobo ukuthembeka yingakho nje sihlale sibabona beshintshashintsha abakushoyo.

Okubukeka kubuhlungu ukuthi uMalema ngathi ubathembe kakhulu laba asebemjikele namhlanje. Ubathembe ngendlela yokuthi ukuthola kunzima ukwamukela ukuthi balishiyile iqembu lakhe.

Kumanje uyambona ukuthi lesi simo akuso simenza afane nomuntu oshiywe isithandwa sakhe abesasithanda. Kunokuthi amukele ugcina egxeka leso sithandwa sakhe asibize ngamagama ngenhloso yokuzama ukuthobisa inhliziyo.

Nathi singabantu singafunda lukhulu kulokhu okwenzeke kuMalema. Masifunde ukuqonda ukuthi akufanele ubeke ithemba lakho lonke kumuntu ngoba umuntu incwadi engafundeki.

*Sandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University. Ungaxhumana naye kuleli kheli le-email elithi: sandile.khumalo@macmillaneducation.co.za

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.