EZISEMATHENIIzindaba

KUBANJWE UMOYA NGO DOC SHEBELEZA

UMCULI weKwaito waseNingizimu Afrika owaduma eminyakeni edlule, uVictor ‘Doc Shebeleza’ Bogopane ulwela impilo yakhe emuva kokungeniswa khona kukubi ngeSonto kusihlwa. Umndeni wakhe ubambe umoya njengoba kuthiwa sekubuya isibili lokhu kugula okuvele kumbambe isigubhukane, kanti kulokhu kuvele ukuthi kubi kakhulu.

I-website i-www.briefly.co.za ibike ukuthi u-Doc Shebeleza ukugula kumqale ekuqaleni kuka-2024, nalapho aphuthunyiswa khona esibhedlela. Ngaleso sikhathi naye wakwazi ukwazisa abalandeli bakhe emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana ememezela ukuthi usesibhedlela kodwa uzophuma masisha. Nokho kuthiwa kulokhu kubi kakhulu njengoba efakwe egunjini labagula kanzima esibhedlela esizimele esise-Johannesburg.

NgoNhlangulana 2024 uke wabhala ngokugula kwakhe. Ngaleso sikhathi ubezitshela ukuthi ukubambeka nje okungatheni futhi kuzodlula.

Umndeni wakhe ucele ukukhulekiswa njengoba lo mculi esabhekene nesikhathi esinzima. Okhulumela umndeni u-Shakes Mavundla ubhale ekhasini lakhe lapho aveze khona imininingwane ngokugula kuka-Doc Shebeleza, wacacisa nokuthi lento isibambise kabi njengoba iqhamuke isidumo.

“Ngithukile ngoba ubesebukeka ejabuke futhi engcono, ekungiselela umcimbi we-Aboguluva oseSoweto kodwa sethemba ukuthi uzoba ngcono emuva kokuhlinzwa kusasa (ngoMsobuluko)” kusho u-Shakes. Uphethe ngokucela abantu baseNingizimu Afrika ukuba bebakhulekise.

“Mzansi ngicela nibeke umculi wethu weKwaito emthandazweni, usomabhizinisi usihlalo we-Amaha emthandazweni, osiza abahluphekileyo ezweni lethu elihle”, kusho yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.