Izindaba

ABAXOSHWE E-MADAM & SIR BATHI AYIDUTSHWE LEYA NDAWO

ABASEBENZI bendawo yokudla i-Madam & Sir eku-Florida Road eThekwini abaxoshwe emsebenzini sebanxuse amakhasimende ukuthi angabe esayihambela leya ndawo. Lokhu bakuveze kwi-video lapho betshele khona amakhasimende adla kuyo ukuthi angaphinde aye e-Madam & Sir ngenxa yokuhlukumezeka kwabasebenzi.

Abasebenzi base-Madam & Sir babhoboke ngokwenzakalayo emuva kokuxoshwa kwabasebenzi abayisithupha (6) ngenxa yokubuza ngemiholo yabo. Kuthiwa sekuphele izinyanga ezimbili (2) abasebenzi bengaholile, uma bebuza ngemiholo bekuthiwa: “khumula ihembe lethu ulethe iphinifa lethu usihambele esitolo”.

Bebebonakala bedumele kwi-video, bekhala ngendlela abaxoshwe ngayo, kanti nezinkontileka into engekho kwa-Madam & Sir, nokuchaza ukuthi ayikho into eyisibopho phakathi komsebenzi nomqashi.

Baphinde bakhala ngesikhathi esengeziwe ebengasiholeli. Omunye ophawulile uthi kwakubonakala ngokuthi ikhasimende balimele lisehla etekisini ukuthi lendawo iyasokola.

Abantu abaningi sebenxusa abantu ukuba wonke umuntu azwelane nalaba basebenzi ngokuthi bangalibhadi kulendawo bathi okungenani abayothenga kwenye intokazi ehlezi ibonakala idayisa ama-wors ngaphandle kwesitolo sakwa-Pick ‘n Pay.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.