EZISEMATHENIIzindaba

UZANDIE KHUMALO UTHI MAYENECALA OWOMNDENI WAKHE AKABOSHWE

UMCULI we-Afro pop kuleli, uZandie Khumalo uthi akahlehli ebufakazini obuthi udadewabo u-Kelly Khumalo akayena ungqondongqondo ekuhleleni itulo lokubulala owayengunozinti we-Orlando Pirates, uSenze Khumalo. UMeyiwa owayeyisoka likadadewabo kaZandie, uKelly, wabulawa ngoMfumfu 2014 emzini wakubo kwalezintokazi e-Vosloorus eGoli.

Ababesendlini ngesikhathi ebulawa uMeyiwa yibona o-Kelly, Zandie, umama wabo uNtombi, indodana ka-Kelly u-Christian, abangani bakaSenzo oTumelo Madlala noMthokozisi Thwala, kanye nowayeyisoka likaZani uLongwe Thwala.

UZandie uthe wayengeke asenge ezimithiyo ngaphandle kwesifungo ngesikhathi kuqhubeka icala likaMeyiwa.

Ubhale ekhasini ezinkundleni zokuxhumana edalula ukuthi ngeke axolise yena kubantu baseNingizimu Afrika ngoba akaze aqambe amanga kunalokho wanika ubufakazi ngalokhu ayekukhumbula nakwaziyo.

Inkulumo yakhe ibithi: “Mina ngeke ngixolise kubantu baseNingizimu Afrika ngamas**imba. Hhayi yabona bafowethu, okokuqala angikaze ngiqambe amanga ngaphansi kwesifungo kunalokho nganika ubufakazi ngalokhu engangikukhumbula nengikwaziyo… Mina Zandile Lorraine Khumalo angikaze ngibe ingxenye yanoma iluphi uhlelo ngenze itulo lokubulawa kukaSenzo uma kukhona into enjengaleyo.

“Engikushoyo mina kucacile ukuthi ngisola bani futhi uma izinsolo zami zitholakala ngobufakazi ukuthi ziliphutha, ngiyoxolisa kuyena ngoba izinsolo azikho ngomuntu futhi aziqhamuki endaweni yenzondo kodwa bengifuna ukwenza isiqiniseko ukuthi amaphoyisa awashiyi lutho. Uma engaphenywa futhi akhishwe phambili obala hhayi ngasese, ngiyobe sengixolisa kuyena futhi uyena muntu engizimisele ukuxolisa kuyena lowo kungakenzeki lokho ngimile la.

“Okunye ebengimile kukho futhi engisamile kukho nanamhlanje ukuthi angikholwa ukuthi uKK (Kelly Khumalo) khona okwakumhlanganisa nalokhu, empeleni nginesiqiniseko esingu-200% ukuthi akukho okumhlanganisa nalokhu. Mina-ke angiqabuli isihl**ma futhi angesabi muntu, mawubheda nje uyabheda nje kuyaphela anginandaba ukuthi uwubani noma uwubani noma uyini kimi. Akayena umuntu ongenza lento kukuthi lana ngibheka isiqu somuntu ngoba ngikhuluma ngomuntu engimazi eduze futhi kukhona okungihlanganisa naye.

“Amaphoyisa kufanele alethe ubufakazi, ubufakazi bangempela hhayi obuphekiwe futhi ngisasho namanje ngifune ningizwe kahle.

Icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa selidonse isikhathi kwenziwa uphenyo olungapheli futhi kuqaguliswana ngalo ezinkantolo.

Ngesikhathi ekhuluma esiteshini esiseThekwini, iGagasi FM uZandie wathi ukholwa ukuthi ubufukazi bukhomba ukuthi ababulali babeqonde u-Kelly, hhayi uMeyiwa. “Abantu abaningi banokuningi abakushoyo, nami okwami engikushoyo lokhu – ukuthi ngiqinisile noma ngisenga ezimithiyo, iqiniso lami. Labantu ngesikhathi befika endlini babengezile kuSenzo”, kusho uZandie.

“Bayizinkabi. Ukube babezobulala uSenzo babezongena endlini bamdubule, baqede ngaye futhi baqinisekise kodwa abakwenzanga lokho. Ngesikhathi uLongwe ephusha omunye, abazange bamenze uLongwe kodwa ngesikhathi u-Kelly eya ekamelweni bamlandela. Ngakho noma ubani angakwazi ukubona ukuthi babeqonde u-Kelly”, kusho yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.