UKLONYELISWE NGOKU ‘JUQA’ IZIGEBENGU UKHOMISHANE WAMAPHOYISA E-KZN
UKLONYELISWE ngendondo ye-Risk Influencer of the Year ukhomishane wamaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natali, u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi ngomsebenzi omuhle awenzayo wokugijimisa izigebengu ngaphansi kwezimo ezinzima.
Lo mcimbi obunamuhla [ngoLwesihlanu] e-Pretoria ubuhanjelwe ukhomishane wamaphoyisa kuzwelonke, u-General Fannie Masemola, usekela khomishane kazwelonke (Crime Detection), u-Lieutenant General Shadrack Sibiya, nebamba-sekela likakhomishane kazwelonke (Support Services), u-Lieutenant General Lineo Nkhuoa, okhomishane bezifundazwe, okhomishane bezifunda nezinye izikhulu zamaphoyisa.
Umklomelo udluliswe ku-Lt. Gen. Mkhwanazi umengameli we-Institute for Risk Management South Africa (IRMSA), Mr Bheki Gutshwa kanye noyi-Chief Executive Officer ku-IRMSA, u-Yvonne Mothibi.
Lo mcimbi obizwa nge-Risk Excellence Awards uba minyaka yonke kanti inhloso yawo ukuklomelisa nokuhlonipha labo ababambe iqhaza ekuvikeleni abantu, isithunzi kanye nengcebo bebe benezinhlelo zokugwema ingcuphe futhi begqugquzela ezokuphepha, bebeka nezwe phambili.
I-IRMSA isiklomelise yaphinde yahlonipha abaholi abahlonishwayo eNingizimu Afrika kule minyaka edlule ngawo lo mklomelo i-Risk Influencer of the Year. Kulaba baholi kubalwa umengameli wakuleli, uMnuz. Cyril Ramaphosa, obengumehluleli omkhulu iJaji Mogoeng Mogoeng nabanye.
U-Gen. Masemola ubongele u-Lt. Gen. Mkhwanazi ngokuhlabana ngalo mklomelo obalulekile. “Siyambongela u-Lt. Gen. Mkhwanazi ngalo mklomelo omfanele futhi sibheke ukuthi aqhubeke nobuholi bakhe kulesifundazwe esibucayi”, kusho u-Gen. Masemola.