UPHENYO LUQINISEKISE INKOHLAKALO KWABEZICELO ZESIBONELELO SIKA-R370
UMNYANGO wezokuthuthukiswa komphakathi kuzwelonke uqale uphenyo lwawo emuva kokuba abafundi ababili abenza unyaka wokuqala esikhungweni semfundo ephakeme bethule umbiko ngendlela okwenziwa ngayo inkohlakalo uma kufakwa izicelo zesibonelelo sika-R370 kwa-SASSA.
Laba bafundi abenza izifundo ze-Information Technology (IT) e-Stellenboch University, u-Veer Gosal no Joel Cedras, njengengxenye yokuvivinywa ezifundweni zabo benze ucwaningo ngobuchwepheshe obusetshenziswa uma kufakwa izicelo zesibonelelo. Ophenyweni lwabo bathole ukuthi buningi ubudedengu obungaholela ekutheni abantu abafanele ukuthola le mali bengayitholi. Okunye abakuthola labafundi ubuthuntu bohlelo lwezokuxhumana nawo umnyango. U-Gosal watshela ikomiti ukuthi uzame kaningi ukuxhumana namahhovisi esifunda ezama ukulungisa inkinga yakhe yokuhluleka ukufaka isicelo sesibonelelo sika-R370 kodwa akazange aluthole usizo.

Isithombe: Abafundi abenza izifundo ze-Information Technology (IT), u-Veer Gosal (ngakwesokunxele) no Joel Cedras (ngakwesokudla)
Emuva kokwethula umbiko wabo, umnyango ube usujuba ithimba elizimele elizokwenza uphenyo ukulandelela kulombiko wocwaningo lwabafundi, wabe usubuya nombiko ekomitini lawo ephalamende ingakapheli inyanga. Umbiko womnyango wenze iziphakamiso ezinqala ukuze kuqikelelwe ukuthi uhlelo lokufaka izicelo luphephile.
Ungqongqoshe womnyango wezenhlalakahle, uNkk. Sisisi Tolashe wethule lombiko phambi kwamalungu ekomiti ngoLwesithathu. Lo mbiko ubugxile kakhulu ophenyweni olumayelana nokufakwa ngenkohlakalo kwezicelo zezibonelelo zika-R370.
Ukusetshenziswa kwezinombolo zomazisi babantu bengazi ukufaka izicelo, okunye okuyizinsolo ebeziphenywa ithimba elizimele lomnyango. USisisi uthe umbiko waleli thimba uqinisekisa wonke umbiko wocwaningo lwabafundi.
“Esikutholile empeleni kuyiqiniso, lapho uthola ukuthi umuntu ufaka isicelo kodwa uthole ukuthi umazisi wakhe khona lapho osusetshenziswe khona. Kokunye uthole ukuthi ufaka isicelo athole ukuthi inombolo kamakhalekhukhwini wakhe isisebenzile kwenye indawo. Noma sisebenze isikhashana esincane kodwa ilombiko onje esiwethula kini”, kusho ungqongqoshe uTolashe.
Ziningi iziphakamiso ezivele kulo mbiko ngenhloso yokubhekana nenkohlakalo yokufakwa kwezicelo okuhlanganisa ukwenza izinombolo eziqinile eziyimfihlo, ukugwema ukwenziwa kwezicelo eziningi ngenombolo eyodwa kanye nokusetshenziswa kohlelo oluqopha umzimba.
Ngesikhathi labafundi bethula umbiko wocwaningo lwabo ngoMfumfu nonyaka ungqongqoshe womnyango waveza ukuthi isabelo semali engu-R266 billion salesi sibonelelo isona esidonsa izinswelaboya ezenza inkohlakalo.