Imibono

UNGAKUVUMELI UKUFAKELWA INGCINDEZI NGENJABULO EDLULAYO

NGIYAZI kukhona abazothi ngihlanganaphi? Oh yaa, khona angihlangani vele, kodwa ngifisa ukukhuluma nabantu abaye bezithole bengaphansi kwengcindezi njalo makufika isikhathi samaholidi kaKhisimuzi, minyaka yonke.

Kuyiqiniso ukuthi lesi isikhathi senjabulo lapho kuhlangana khona abantu nemindeni ekade yagcinana. Abanye basuke bebuya emisebenzini abayenza ezindaweni ezikude, kanti abanye bavalile emisebenzini.

Kukhona laba abasebenzisa lesi sikhathi ukuvakashela abangani nemindeni ekude, abanye banokuzikhiphela ezindaweni ezehlukene beyozijabulisa, isiphithiphithi, kuya le nale.

Iningi labantu linemali ebiliyibeka unyaka wonke, kanti abanye bathole ama-bonus. Ngakho banesizathu sokubhiyoza futhi bezithokozise ngemali yabo.

Ngakolunye uhlangothi kukhona umuntu obengasebenzi unyaka wonke, kanti omunye ubezibambela amatoho lapha nalaphaya. Lo muntu kumanje uthatha uyabeka akazi uzomisa kanjani njengoba engenamali abeyibekela lesi sikhathi njengabanye.

Okokuqala okufanele akwazi umuntu okulesi simo ukuthi akayedwa kuso. Kuneningi elibhekene nenselelo efanayo. Abanye balahlekelwe imisebenzi bengahlelile, kwathi abanye bayishiya ngoba benamathemba nezinhlelo ezithile zokuqhubeka nempilo kodwa kwangahamba ngendlela abebehlele ngayo. Kube ongakaze aqashwe ndawo selokhu wabona ilanga.

Manje nasi isikhathi sokupepenyeka nokubhiyoza sesifikile. Kukhona abantu abazofuna ukubonakala ukuthi banemali ngokugabisa ngempilo yabo ezinkundleni zokuxhumana, kukhona abathenge izimoto, imizi, abenza imicimbi ehlukene nokunye okuningi.

Wena ongenamandla okwenza konke lokhu, kulungile akukho okungalungile ngawe. Yisikhathi esikuficile lesi esedlulayo. Siyomfica nomunye wena usudlulile kuso.

Abantu abaningi baba nencindezi ngalesi sikhathi ngalezi zizathu engizibale ngenhla. Okuye kube nzima kakhulu kubo ilaba okunemindeni ebabhekile, okuyizingane namakhosikazi noma onina bezingane. Omunye ubhekwe izingane zakwabo, ezasala naye beshiwa abazali, njll.

Uma usesimeni esinjalo, kuhle ukuhlala nabo phansi abakubhekile ubachazele ngesimo sakho abasibonayo nabo. Ngaphezu kwalokho yenza imizamo ongayenza ukuba kubonakale ukuthi kukhona okuzamayo kunokuthi uhlale nje uthi isimo sinje. Lokhu okuncane okutholayo, zithokozise wena kanye nabathembele kuwe. Uzihlukanise nabantu abangenamthelela kakhulu ekuyiseni impilo yakho phambili, kepha abajabuliswa ukuthi u ‘spenda’ mawunabo. Labo bantu okumele ukwazi ukuthi bahlala nanoma ubani futhi badla imali kanoma ubani ozimisele ngoku ‘spenda’ ngakho ungababeki phambili ukudlula umndeni wakho nabathembele kuwe.

Lesi isikhathi esingamasonto nje amane (4), azodlula ngokushesha.

Ngakho asikho isidingo sokutatazela. Ungathola into engakuchithisa isikhathi ukuze unganaki okwenziwa abantu. Njengoba imvula ivame ukuna nje ngalesi sikhathi ungavele uzilimele umhlabathi utshale ukudla okuhambisana nalesi sikhathi sonyaka. Uphumule futhi masuzwa ukuthi ususebenze kakhulu.

Uma kunemicimbi omenywe kuyona iya, ujabule lapho, udle okuphiwe ugoduke. Ungabi uvanzi kakhulu, ngoba sizogcina sivela isikhala sokuthi awunamali. Uma kunesidingo, ungachitha isikhathi ngokuvakashela abantu owaziyo ukuthi bayakujabulela ukuba nawe, uxoxe nangendlela ozizwa ngayo futhi nangesimo sakho, awukwazi abangakulekelela ngakho.

Uma kungenzeka phuma kancane ezinkundleni zokuxhumana ukuze ugweme ukubona izinto ezizokuthunuka inhliziyo. Uma kungaphumeki, hlala uthokozele isikhathi sempilo osasinikwe umdali emhlabeni.

Akulona iphutha ukuhalalisela abantu abaphumelelayo empilweni. Kwenze lokho, bese ucela uNkulunkulu ukuba akuphe isineke sokulinda esakho isikhathi.

Lapha emhlabeni kuyashintshwana. Isikhathi sokuvelela kwakho sizofika, okwamanje shayela abanye ihlombe.

Khumbula, ungatatazeli isikhathi samaholidi sifushane, zitshele ukuthi unyaka ozayo owakho. Okwamanje cabanga ngezinto ongazenza makuqala unyaka. Okwalona esikuwo kuphelile, akukho mlingo osengenzeka. Kuhle ukwamukela isimo njengoba sinjalo, uphile ngokwamandla onawo manje ube uzama ukuba umuntu ongcono.

Qaphela ungavumeli ingcindezi engenasidingo, siyadlula masisha lesikhathi.

*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.