UGWETSHWE ENGU-43 UMFANA (15) NGECALA LOKUBULALA
UMFANA oneminyaka eyishumi nanhlanu (15) ugwetshwe iminyaka engamashumi amane nantathu (43) inkantolo yesifunda yakwaNongoma, iNongoma Regional Court ngamacala okubulala, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okusolakala ukuthi ukuntshontshe kumufi.
Le nkantolo imthole enecala lokubulala uMnuz. Mphumuzeni Ntuli (60) onguthishanhloko wesikole sakwaNongoma, iBhekithemba High School ngomhlaka-23 Ndasa 2023.
Enkantolo kuvele ukuthi ngosuku abulawa ngalo uMnuz. Ntuli wanyalala wangaziwa ukuthi ukuphi, kwabe sekubikelwa amaphoyisa. Aqala uphenyo, kwathi kusenjalo abona imoto yakhe ihamba emgwaqeni uMkhuze Road, abe eseyilandela.
Athe mayefika eduze kwayo, ababephakathi behla babaleka ngezinyawo.
Emotweni yakhe akatholakalanga uMnuz. Ntuli, kuthe mayebhekwa kwabe sekutholakala isidumbu sakhe silahlwe ngaphansi kwebhuloho eduze komfula ongasoDwaleni. Isidumbu sakhe sinamanxeba okudutshulwa umzimba wonke.
Kwabe sekubhekwa umsolwa owagcina etholakele kubo eSiqandi esigodini saseToyisa. Ngesikhathi eboshwa umsolwa kutholakale kuye isibhamu nezinhlamvu okusolakala ukuthi ukuntshontshe kumufi.
Lo umsolwa ubelokhu ewaphika lamacala njengoba evele amahlandla amaningi enkantolo, nokho wagcina ewavumile onke.