EzosaziwayoIzindaba

KUNZIMA KU-FELIX HLOPHE OZITHOBA AMANXEBA OKWALIWA

UMSAKAZI weGagasi FM, u-Felix Hlophe usazilapha amanxeba okwaliwa owesifazane abesemethuli njengonkosikazi wesibili kumkakhe u-Tracy Smith. Uveze imizwa yakhe ngalokhu ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana.

Izinhlelo zokuthatha u-Ayanda Bhengu njengonkosikazi wesibili ziphunzile emuva kokuba embhalele umyalezo ka-Whatsapp ethi akangasondeli nakancane eduze kwakhe. Uthembise ukuthi uzobiza onogada uma lo msakazi eke wazama ukuya lapho asebenzela khona.

Laba bahlukane kuleli sonto ngesikhathi u-Felix nomkakhe wokuqala u-Tracy begubha iminyaka eyisithupha beshadile. Abantu abaningi bebezitshela ukuthi wenza ihlaya u-Ayanda ngesikhathi ecela abalandeli bakhe ku-Instagram ukuthi batshele u-Felix ahlukane naye.

Ubhale ukuthi: “Manibona u-Felix Hlophe nimtshele ahlukane nami bakithi. Sengikhathele futhi ngizama ukuba sesimeni esikahle ngenxa yezingane zami ngoba ngiyikho konke ezinakho.

U-Felix uthe ubenezinhlelo zokushada no-Ayanda kodwa ubudlwelwane babo babhuntsha. Uvumile ukuthi owesifazane abezimisele ngokumshada usemshiyile futhi akekho esimeni esikahle. “Ngiyazama ukuziqinisa, kodwa angisiye u-Superman. Ngibuhlungu”, kusho yena.

Uqhubeke wathi uma kunabantu abakuthokozelayo ubuhlungu akubona, kulungile. Uthe ubesemethule kunkosikazi nasezinganeni u-Ayanda.

“Ngiyamthanda kakhulu umkami futhi uyena ongiqinisayo kukho konke”, kusho yena. Uthe kumele avikele umndeni wakhe futhi yinto azohleze eyenza njalo. Uthe nakuba ubudlelwane bakhe no-Ayanda bubhuntshile kodwa akehlulekile njengomuntu onothando, ubaba, nomyeni.

Ekhuluma kwi-clip esisabalele uthe yise emthanda umkakhe, u-Tracy kodwa ibuhlungu inhliziyo yakhe ngendlela izinto eziphethe ngayo phakathi kwakhe no-Ayanda.

“Ngilahlekelwe owesifazane ebengifuna ukumshada; ucabanga ukuthi ngizoba kahle? Ngeke ngike kahle, kodwa kuzodlula..kodwa ngisenowesifazane olungile, engimthandayo ekhaya, engingakaze ngiyeke ukumthanda”, kusho lo msakazi weGagasi FM.

Ngaphambi kwawo wonke lo msindo, u-Felix uke wasola u-Ayanda ngokumfebela. Ubuze u-Ayanda ukuthi ayeke yini ukuyokhokha amalobolo kubo ngoba ubeseznhlelweni zokuthumela omalume bakhe kubo. U-Ayanda uthe akanankinga yena noma izingxoxo zamalobolo zingengeqhubeke.

NgoNhlaba, u-Felix umemezele ukuthi umkakhe, u-Tracy umvumele ukuthi aqhuqebeke nokuthatha u-Ayanda njengonkosikazi wesibili.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.