Izindaba

KUDUTSHULWE UMSHAYELI WETEKISI EBALA NGOHAMBO EMAOTI

ZISALOKHU zande njalo izigameko zokudutshulwa kwabamatekisi abala ngohambo (e-hailing) njengoba kuphinde kwadutshulwa kanzima owesilisa obesendleleni ebheke eMaoti, KwaZulu-Natali ngoMsombuluko.

Kulesi sigameko esenzeke ngabo-15:04 kuthiwa owesilisa owesilisa uthole isicelo sabagaibeli abebefuna ukulandwa e-Pavillion Hotel beyiswe eMaoti. Nebala uphendulile, wabe esephuthuma khona, wathola amadoda amabili wawalayisha, kwayiwa khona eMaoti. Ngesikhathi sekufikiwe endaweni obekuyiwa kuyo laba bajoyinwe abanye besilisa ababili, abakhiphe izibhamu badubula umshayeli. Babe sebebaleka ngemoto eyi-Toyota Rumion enezinombolo ezithi BR09NR-ZN.

Umshayeli usizwe abebeseduze bazama ukumtholela usizo edubuleke esiswini. Icala ngalesi sigameko livuliwe, amaphoyisa asaphenya.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.