I-ESKOM IBAMBE ABANGU-400K ABEBENGASAWUTHENGI UGESI
INKAMPANI enikezela ngokugesi eNingizimu Afrika ithi lusizile uhlelo lwayo lokwenza umnqamulajuqu wokushintsha izigubhu zikagesi ngoba ikwaze ukuthola abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu amane (400 000) abebengasawuthengi. Le nkampani ithe bonke labantu sebewuthenga kahle selokhu beqale njengoba bebebuyisela izigubhu esimeni benzela ukushintshela ohlelweni olusha lwe-KNR2.
Le nhlangano iqhubeke yathi ayibambanga nje laba kuphela kodwa ikwazi ukwenza izinguquko ezinqala ohlelweni lwayo lokugcina uhlu lwamakhasimende asebenzisa ugesi othengwayo njengoba selufinyelele enombolweni yezigubhu ezingu-7.25 million.
Kusukela ngomhlaka-24 Lwezi izigubhu zikagesi ziqale ukungawamukeli ugesi othengwe ngaphambi kwalolu suku, kanti kubikwa ukuthi angu-5.5 milliom amakhasimende akwazile ukushintshela ohlelweni olusha i-KRN2, kuhlanganisa nalaba abangu-400 000 abesebengawuthengi.
I-Eskom ithe amakhasimende angawuthengi ugesi ehlile aya ku-1.7 million. Lama khasimende angawuthengi ugesi kubalwa lawa awuthengi ezindaweni ezingagunyaziwe i-Eskom noma angawuthengi nhlobo, ngoba izigubhu zawo zikokoteliwe.
“Sicela onke amakhasimende enze okufanele ngoLwesihlanu, mhlaka-13 Zibandlela 2024 ngokuya emahhovisi e-Eskom aseduzenawo”, kusho isitatimende.
Lesi sitatimende siqhubeka sichaze uhlelo oluzolandelwa kusuka manje kuya phambili.
*Onke amakhasimende athenge ugesi ngaphambi komnqamulajuqu obubekiwe, ashintsheka ohlweleni le-KRN2 kodwa anenkinga yokufaka ugesi , azosizwa ukuqedela ukungena kulolu hlelo futhi awazukuhlawuliswa.
*Abebengawuthengi ugesi kodwa abawuthengile ngaphambi komnqamulajuqu kodwa abanenkinga yokuwufaka bacelwa ukuba baye kwa-Eskom namathikithi abo noma nazo izinombolo zokufaka ugesi ngoLwesihlanu, mhlaka-13 Zibandlela 2024 ukuze besizwe. Amakhasimende ayanxuswa ukuthi angalindi usuku elengeziwe lomnqamulajuqu.
*Abebengawuthengi ugesi kodwa abawuthengile ngaphambi komnqamulajuqu kodwa abanezinkinga zokufa kwezigubhu, ezilahlekile, nezikokoteliwe, bacelwa ukuba befike e-Eskom ngoLwesihlanu, mhlaka-13 Zibandlela 2024. Bazosizwa ngokuhlukana kwezinkinga zabo, uma kunesidingo sokuthi bohlawuliswa uma kunesidingo futhi boshintshelwa imininingwane yezigubhu zabo kuphinde kuhlelwe ukuthi bafakelwa ezinye.
*Abebengawuthengi ugesi abayile kwa-Eskom kodwa bengakawuthengi noma bazame ukuwuthenga ngaphambi komhlaka-24 Lwezi 2024 bagqugquzelwa ukuthi bewuthenge ugesi ngaphambi komhlaka-13 Zibandlela 2024. Izigubhu zabo zizobhekisiswa, bekhokhiswe inhlawulo ngokukokotela kanye nokushintshelwa izigubhu. Bonke bacelwa ukuthi befike noma nini.
Nokho akucaci ukuthi yini ezokwenzeka emuva komnqamulajuqu wangomhlaka-13 Zibandlela 2024. Okumele abafundi bekwazi ukuthi yize isigubhu esiku-KNR1 singeeke sikwazi ukwamukela ugesi othengiwe, kodwa amakhasimende asengakwazi ukushintsha izigubhu zawo ziye ku-KNR2 uma nje izinombolo zokushintsha zisekhona futhi zitholakale endaweni efanele.
I-Eskom imemezele ukuthi usuku lokugcina ngci lokunika amakhasimende ithuba lokulungisa izinkinga zezigubhu umhlaka-31 May 2025. “Sizoqhubeka ukusiza ngesithunzi nangesizotha amakhasimende afikayo emahhovisi ethu ukuzolungisa izinkinga zawo nokwenza okufanele”, kusho isitatimende sakwa-Eskom.
*Lolu daba lucashunwe kwi-BusinessTech