“ANGILAHLEKELWANGA LUTHO NGOKUHLUKANISA NOMAMKHIZE” – MPISANE
USOMABHIZINISI waseThekwini, uMnuz. Sbu Mpisane uthi akukho okumlahlekele ngokuhlukanisa nomkakhe, u-Shauwn ‘MaMkhize’ Mpisane naye ongusomabhizinisi.
“Ngikwazile ukuphila kusukela kuqala izinhleo zokuhlukanisa, namanje ngisaphila. Izinhlelo zokugcina zesehlukaniso sethu bezihambisana nokulandela umthethosiseko kanye nemithetho yezwe”, kusho uMpisane, ekhuluma ne-Sunday World.
“Noma kunjalo amaphepha esehlukaniso sethu akubeka kucace ukuthi umshado wethu angeke usalungiseka, lokho-ke kusukela kwizizathu azaziwa uyena njengombhali wesehlukaniso”, kuqhubeka uMpisane.
Emuva kweminyaka eyisithupha laba bobabili beshudulisana ngendaba yesehlukaniso bagcine befikile esiphethweni sale ndaba enkantolo i-Durban Magistrate Court ngoMsombuluko, mhlaka-18 Lwezi.
Ngokwamaphepha esehlukaniso zonke izinhlangothi zivumelane ngokuqoka ummeli ozimele futhi okuqeqeshwe iminyaka eyishumi njengo-advocate ukuba ahlonze, aqoqe futhi abe yonke impahla laba abanobunikazi obuhlangene kuyo ngendlela elinganayo.
Inkantolo ibuye yahlulela ukuthi izikweletu abanazo laba ngokuhlukana umuntu uzozibonela. Laba bese kuphele iminyaka eyisithupha beshudulisana ngendaba yesehlukaniso.
UMpisane obeyiphoysa likamasipala weTheku iminyaka eyishumi nantathu uhlangane nobengumkakhe, uMaMkhize bavula ibhizinisi ebelenza inzunzo enhle futhi eliphumelele kakhulu ngaphansi kwegama elithi Zikhulise Cleaning, Maintenance and Transport.
Inzunzo eningi etholwe ile nkampani iqhamuke emisebenzini ebiyithola eminyangweni kahulumeni nakomasipala abehlukene.
Laba besazwana bebehambela imicimbi ephezulu eThekwini futhi benza iziphihli zemibungazo emzini wabo.
Emuva kokugcina behlukanise ngokusemthethweni uMpisane noMaMkhize, kuye kwagasela inqwaba yezimoto zamaphoyisa nezabasebenzi bakwa-SARS emzini kaMaMkhize oseMhlanga. Esitatimendeni esikhishwe abe-SARS bathe lokhu kuseshwa nokushaqwa kwempahla emzini kaMaMkhize kuhambelana neqhingasu labo lokulwa nokungakhokhelwa kwentela nezenzo zobugebengu zokubukelwa phansi komthetho.
Sekuyisikhathi eside uMaMkhize elandelwa i-SARS njengoba kunomdonsiswano ngamacala okubalekela ukukhokhela intela.