Izindaba

UCINDEZELWA INHLANGANO YEZITABANE USIYA MHLONGO OBUYELA ENKANTOLO

LIBUKEKA licikizela ikusasa lomsakazi woKhozi FM omisiwe, uSiya Mhlongo emuva kokuzwakala kwenhlangano yabathandana benobulili obufanayo ithi akaboshwe impela ngoba ungumhlukumezi. USiya ubhekene necala lokushaya okwathiwa wayenobudlelwane bezothando naye, uNjabulo (esingatholakalanga isibongo sakhe).

Lesi sigameko senzeka ngoNcwaba ngaphandle kwendawo yokuzijuxuza ese-Morning Side eThekwini. Ngokwabazibonela kwenzeka lokhu bathi ingxabano yaqala ngesikhathi uSiya ebona uNjabulo evalelisa omunye wesilisa ngokumqabula, nokuyinto eyamcasula. Wabe esethatha ibhodlela lesiphuzo elalisemotweni wagqema ngalo lona wesilisa.

Icala lokushaya lavulwa esiteshini samaphoyisa esise-Durban Central. Libe seliqulwa enkantolo iDurban Magistrates Court ngomhlaka-6 Mandulo, lahlehliselwa umhlaka-27 Lwezi. Emuva kwalokho Ukhozi FM lummisile emsebenzini ukuze abhekane kahle namacala abekwe wona.

Kamuva kuzwakale inhlangano elwela ubulungiswa nokuhlukunyezwa kwabathandana benobulili obufanayo igxeka isenzo sikaSiya Mhlongo futhi ithi akaboshwe ukuze kube isifundo nakwabanye abasacabanga ukwenza lokhu. Enye inhlangano ephumele obala yakhuluma ngalokhu i #NotInMyName, esigxekile lesi senzo esinodlame, noma ngabe olobulili okanye olwani.

“Asikho isizathu sokuthi noma ubani angazithola esenza udlame olunje kumuntu. Sifuna ukuba bonke abomthetho baluphenye ngokugcwele lolu daba, bengashiyi lutho, bese kwenziwa okufanele”, kusho uThemba Masango we #NotInMyName International.

Uhlelo obelwenziwa uSiya emsakazweni oluthi Ubusuku Obuhle belulokhu lwenziwa ozwakabo abafana noZama Mseleku, Nozipho Zulu, Phindi P noBoniswa Moto. Sekuphele izinyanga ezimbili manje lo msakazi oneminyaka engamashumi amane (40) engezwakali emoyeni.

Ngokuthola koMkhaya uke waya emsebenzini eyozwa ukuthi bambuyisela nini emoyeni, watshelwa ukuthi lokhu kuzokhulunywa uma inkantolo isimkhululile emacaleni abekwe wona.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.