OWADUMA EMDLALWENI ISIBAYA UZOSHISISA I-MY BROTHER’S KEEPER
UMLINGISI owaduma emdlalweni Isibaya, u-Abdul Khoza usezobonakala ebasa umlilo ku-My Brother’s Keeper kuMzansi Magic. UKhoza owaziwayo ngekhono lakhe emidlalweni kamabonakude uke wabonakala nasemidlalweni efana neShaka Ilembe, The Wife ne-Kings of Jorburg.
Umdlalo i-My Brother’s Keeper ungena ngokugamanxa kwehora lesikhombisa (19:30) kusihlwa phakathi nezinsuku.
Mgokusho kwesitatimende seMzansi Magic uKhoza uzodlala indawo kaZembe ozofaka ukushisa kubantu bakwaMshengu. “ÜZembe upholile, kanti ungusomabhizinisi ohlonishwayo nokho unezikhathi zokushintsha akutshengise ukuthi ungubani. ungomunye walabo abakhokhisa imali yokuvikela futhi useze wafika phezulu ngezindlela aphanta ngazo. Ukuboshwa? Uphuma phakathi Ukubulala? Ungaqagela. Uya phezulu kakhulu manje futhi ulungisa konke okubi akwenzile endleleni yakhe”, kusho isistatimende seMzansi Magic.
Abanye abasazokhanda ukushisa kulo mdlalo oMlungisi Ndebele, Aramis Ngwenya, Sello Ramalahloane, Unathi Platyi, Tumi Maretele no-Olwethu Leshabane.