KUTHOLWE UMFANA (14) ESHONILE EDANYINI LENDLE
UMGODI owashiwa inkontileka ebigubha endaweni eseduze kwamathuna e-Virginia eFree State uphenduke ithuna enganeni yomfana eneminyaka eyishumi nane (14) eminze khona kade ibhukuda nabangani bayo. Lesi gameko senzeke ngeSonto, mhlaka-24 Lwezi.
Kuthiwa umfana lona nabangani bakhe baye emgodini onamanzi ahamba indle owashiwa inkontileka eyayimba endaweni. Umfana ube esengena engxenyeni eshonayo yalo mgodi kwaba ukukwiliza kwakhe. Emuva kwalokho abangani bakhe baphumile bayobikela umndeni wakhe.
Obambe njengemeya kumasipala okwenzeke kuwo lesigameko, ukhansela Hlobohang Mokhomo uthe ukushona kwalo mfana kushiye umphakathi wonke ukhungathekile.
Uthe uyazi ukuthi lo mgodi wambiwa inkontileka eyayimba inhlabathi endaweni. “Le knontileka ayibange isawugqiba umgodi isiqedile ukusebenza, yayishiya iyingozi ngale ndlela yokuthi ibibeka abantu emgcupheni, ikakhulu izingane. Ukuna kwezimvula ezinkulu kanye nokuqhuma kwamapayipi kwenze yayingozi kakhulu. Izingane zasendaweni zinokubhukuda khona”, kusho uMokhomo.
“Ngifisa ukudlulisa ukudabuka emndenini olahlekelwe, abangani nomphakathi wonke waseMatjhabeng”, kusho obamba njenge meya.
UMokhomo uqhubeke wagxeka osonkontileka ngokushiya lezindawo eziyingozi, njengoba zishiye imigodi zingayigqibile,nokunye okubeka abantu engozini ngaphandle kokuthola imvume kumasipala noma begqibe uma sebeqedile.
“Lobu budedengu bubeka izimpilo zabantu engcupheni, ikakhulukazi izingane futhi ngeke sikubekezelele”, kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni u-Liet. Col. Stephen Thakeng uthe amaphoyisa athole umfana emiznile emgidini obugcwele indle endaweni esobala eduze kwasemathuneni aseMeloding. Uthe igama lo minzile kutholakale ukuthi uPule Lithebe.
Uxwayise abazali ukuthi bengavumeli izingane zabo zidlale kulendawo ngoba iyingozi. “Abazali kufanele behlale njalo bazi ukuthi zikuphi ukuthi izimo ezifuze lesi nokufa kwabantu okungenasidingo”, kusho yena.
Ubaba womfana uLefu Semenyane, okuwuyena okwaze ukuthi ukuhlonza isidumbu somfana uthe lesi sigameko sishiye umndeni wonke usebuhlungwini.
Kuthiwa lesi sigameko akusona esokuqala kuleya ndawo yaseMatjhabeng njengoba kutholakale abafana ababili beminzile kwenye indawo eyambiwa yashiwa kanjalo e-Welkom ngeSonto mhlaka-10 Lwezi.