Izindaba

KUSAZOBOSHWA ABANYE KWELOKUBULAWA KUKA-AKA

EKHULUMA nabezindaba ngoLwesibili, ukhomishani wamaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natali, u-Col. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi umemezele ukuthi kulindeleke ukuthi amaphoyisa abophe abanye abasolwa ecaleni lokubulawa komculi wakuleli, u-Kiernan ‘ÁKA’ Forbes. U-Col. Gen. MKhwanazi ubekhuluma eThekwini lapho abethula khona umbiko ngokugebengu esifundazweni.

Kuzokhumbuleka ukuthi u-AKA wadutshulwa nomngani wakhe ongumpheki odumile, uTebello Motsoane ngaphandle kwendawo yokudlela eku-Florida Road eThekwini ngonyaka odlule.

Inkantolo i-Durban Magistrates Court ithole ngesikhathi kulalelwe isicelo se-bail sabasolwa abahlanu ukuthi kunemali engu-R800 000 eyakhokhelwa omunye wabasolwa ongungqondogqondo kuleli cala. Nokho akuvelanga ukuthi kwabe kuyini imbangela yokubulala nokuthi ngale kwalo okwavela ukuthi uyena owakhokha lemali, abekho yini abanye abangemuva kwalento.

U-Col. Gen. Mkhwanazi uthe uphenyo oluqhutshwa amaphoyisa lunika isithombe esicacayo manje ukuthi kwenzakalani.

“Kuyamangaza manje esesiqala ukukubona. Sisebenza eduze ne-National Prosecuting Authority ukuqinisekisa ukuthi umkhondo uyalandelwa. Silindele ukuthi kuboshwe abanye abantu, futhi akukho esizokushiya kulenga, kanti akekho esizohlala singambophi uma kutholakala ukuthi uyathinteka kulesi sigameko sokubulawa kwabantu ababili esafaka isifundazwe sethu emehlweni abantu”, kusho u-Col. Gen. Mkhwanazi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.