Imibono

ABANTU OPHILA NABO BANOMTHELELA EMPILWENI YAKHO

KWAKE kwathi ngelinye ilanga umlimi ezibuyela emasimini, endleleni wathola iqanda. Ngenxa yokuthi wayefuye izinkukhu walithatha walifaka esidlekeni senkukhu eyayinamaqanda. Nebala inkukhu yawafukamela amaqanda. Yawachamisela onke kanye naleli elifakwe esidlekeni ingaboni.

Kwaphuma amatshwele kodwa kwabe kunetshwele elehlukile, ngenxa yokuthi ayefukanyelwe yinkukhu eyodwa futhi aphuma kanye kanye esidlekeni alinakekanga kakhulu.

Kwabe kuyichwane lokhozi. Lolu khozi oluncane lwabe selukhula kanye nalamatshwele akhula aze aba zinkukhu. Lolu khozi lukhula nje luzazi ukuthi luyinkukhu. Lwalenza konke okwenziwa zinkukhu okubalwa ngisho ukuqhwisha ezaleni.

Kwake kwathi ngelinye ilanga lolu khozi lwazama ukundiza. Nebala landiza okuthe xaxa kunokuvame ukundizwa zinkukhu. Kwathi aziludle zilufele ukhozi izinkukhu. Zilubuza ukuthi lufuna ukuzibonisa ini? Uma selulimala luzothini? Kanti alwazi yini ukuthi bona njengezinkukhu abadalelwe ukundiza?

Phela lezi nkukhu azilwazi lolu khozi futhi ziluthatha njengomunye wazo. Lwaze lwethuka ngempela ukhozi lwaxolisa ngokuzisola. Lwaluzisola nalo ukuthi belwenzani ngoba bona njengezinkukhu abadalelwe ukundiza.

Kwaqhubeka isikhathi lolu khozi nalo seluzazi ukuthi luyinkukhu. Kwathi ngelinye ilanga kwaqhamuka ukhozi lundiza. Lolu khozi oluphila nezinkukhu lwabuza ukuthi nyonini le enkulu kangaka futhi endizela phezulu ngokuzethemba. Zaphendula izinkukhu zathi “kKhozi ke loluya inyoni enkulu, lundizela phezulu futhi luhlakaniphile luyinkosi yezinyoni. Ludalelwe ukundiza kanti sonke thina sidalelwe ukuphila phansi ngoba sizinkukhu. Ngisho usuthanda angeke ufane nalo”.
Ngenxa yokuthi lolu khozi lwaluphila nezinkukhu isikhathi eside lwaze lwafa lukholelwa ukuthi luyinkukhu.

Lendaba inesifundo esikhulu kakhulu. Kubalulekile ukubheka abantu ophila nabo ukuthi banamthelela muni empilweni yakho.
Kubalulekile ukuzethemba. Wena udalelwe okukhulu kunalokhu oyikho njengamanje. Vuselela umqondo wakho ulwele ukuba ngcono kunobuyikho eminyakeni edlule. Qaphela abantu ochitha nabo isikhathi nezindawo ovame ukutholakala kuzo ngoba kunomthelela empilweni yakho. Ubheke ukuthi akudonseli yini emuva ngokwempilo.

Ungakhohlwa ukuthi nguwe oyofeza lawomaphupho. Wena udalelwe impumelelo nokunqoba. Qala namuhla uthathe izinyathelo zokuphumelelisa amaphupho akho. Ungalaleli abantu abahlale bekugxeka bengakusizi ngalutho.

Kuze kube ngokuzayo.

Boni Mahlinza

*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomluleki wempilo

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.