EZISEMATHENIIzindaba

ULONGWE TWALA KOLUNYE UBISHI LOKUBOSHWA

SEKUMFAKE kolunye ubishi lokuboshwa uLongwe Twala (39) ukungayilandeli imibandela ye-bail ayalelwa ukuba angalokothi ayephule ngesikhathi evele enkantolo ngoMandulo.

NgoLwesibili, mhlaka-26 Lwezi kubonakale uyise ongumdidiyeli womculo, u-Chicco Twala, emthwele emuyisa mathupha esiteshini samaphoyisa esise-Diepkloof eSoweto ukuze aboshwe. ULongwe ubeyalelwe ukuthi abuyele enkantolo ngomhlaka-25 Mfumfu ngokwemibandela ye-bail kodwa wangalubhada. Wanikwa i-bail inkantolo ngoba bekusaqhubeka uphenyo ngecala aboshelwe lona.

Bese kuphele inyanga yonke ebalekele ingalo yomthetho nokho u-Colonel Dimakatso Nevhuhulwi ukuqinisekisile ukuthi uboshiwe uLongwe. “ULongwe uboshwe namuhla e-Diepkloof emuva kokuba kukhishwe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe emuva kokuhluleka ukuvela enkantolo ngomhlaka-25 Mfumfu 2024. Kulindeleke ukuthi avele kusasa, mhlaka-27 Lwezi 2024 enkantolo i-Randburg Magistrate Court ngecala lokwephula imiyalelo yenkantolo”, kusho u-Col. Nevhuhulwi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.