UBOSHIWE UMAMA ODAYISE INDODANA (2) YAKHE WATHI INTSHONTSHIWE
OWESIFAZANE wase-Vanderbijlpark eGoli uboshiwe ngokuqamba amanga athi indodana yakhe eneminyaka emibili intshontshwe abantu babaleka nayo kanti uyidayisile. Kubikwa ukuthi ngomhlaka-13 Lwezi ingane enguKutlwano ibikwe ngunina emaphoyiseni ukuthi ithunjwe abesilisa abangaziwa e-Boipatong esifundeni sase-Sedibeng.
Amaphoyisa asaqhubeka nokucinga ingane njengoba unina esaboshiwe ngaphambi kokulalelwa kwesicelo sakhe sebheyili ngomhlaka-29 Lwezi.
Lona wesifazane uvele eNkantolo yemantshi yase-Vanderbijlpark ngoMsombuluko njengoba eboshwe ngamacala okushushumbisa abantu, ukwakha itulo lokugebenga kanye nokwenza isitatimende esifungelwe esingamanga emaphoyiseni. La macala asukela ezinsolweni zokuthi udayise indodana yakhe kubantu abangaziwa. Lona wesifazane utshele amaphoyisa ukuthi indodana yakhe ithunjwe abesilisa abathathu abebehamba ngemoto eyi-Polo e-silver grey. Ophenyweni lwamaphoyisa kuvele ukuthi lona wesifazane uvule icala elidukisayo nokuthi isigameko sokuthumba singamanga. Ngokuhamba kwesikhathi uvumile ukuthi uqambe amanga.
Imizamo yamaphoyisa yokuthola ingane isaqhubeka kanti icala lihlehliselwe umhlaka-29 Lwezi ukuze afake isicelo sebheyili. Umbuso uhlose ukuphikisa ukukhululwa kwakhe nge-bail.