EZISEMATHENIIzindaba

“BONKE ABAPHULA UMTHETHO WENTELA BAZOVINJWA” – SARS

INHLANGANO eqoqa intela kuleli isiphawulile ngesigameko sokugasela kwabasebenzi bayo behamba namaphoyisa emzini kasomabhizinisi waseThekwini, u-Shauwn Mkhize. Le nhlangano ikhiphe isitatimende ngabo-15:25 ngoLwesibili icacisa ngokuholele kulesi gameko esenzeke emzini ka-Shauwn oseMhlanga.

“I-South African Receiver of Revenue (SARS) ithokozile ngokumemezela umsebenzi oqhubekayo wokulwa nokungakhokhwa kwentela kanye nezenzo zobugebengu ezibukela phansi umnotho wezwe. Uphiko lokuqiniswa komthetho ngaphansi kwenkantolo i-Durban High Court kukhiphe imvume yokusesha nokushaqa impahla okumayelana necala eliphakathi kukakhomishani we-SARS no-Shauwn Mpisane nabanye.

“Lesi sinqumo siyingqophamlando kwiqhingasu le-SARS lokwenza kube lukhuni futhi kube nzima kwabanye abakhokhintela abasafuna ukwenza izenzo zobugebengu. Eminyakeni embalwa edlule, i-SARS iqale ukuphenya kabanzi ngokwenzeka embonini yezokwakha ukuqikelela ukuthi abakuyo bayayikhokha intela”.

Le nhlangano ibonge amaphoyisa e-SAPS, ne-Directorate for Priority Crime Investigation (ama-Hawks) ngokuqikelela ukuthi umsebenzi wokukhokhwa kwentela unikwa isithunzi.

“Izimvume zokugunyaza ukusesha nokushaqa ezikhishwe namuhla zisize ukuvikela ukunyamalaliswa kwempahla ebingadayiseka, okungaholela ekutheni singakwazi ukuqoqa intela futhi zisize ukuthi sikwazi ukuthola ubufakazi bokuthi ayilandelwa ngempela imithetho yokukhokhwa kwentela ebekwe ukhomishani wakwa-SARS”, kusho isitatimende.

Ukhomishani we-SARS u-Edward Kieswetter uzwakalise ukuthokoza ngomsebenzi wabagcini bomthetho – okungamaphoyisa e-SAPS, Hawks nabasebenzi bakwa-SARS – ngokuba isibonelo sokubambisana ukuze kufezwe lo msebenzi ngaphansi kwezimo ebezinzima.

“I-SARS ngeke isatshiswe ukwenza umsebenzi wayo ngaphandle kokusaba, ukwenzelela, nokuthembeka noma ngabe umuntu ongakanani emphakathinui okufanele kubhekwane naye. Akekho umuntu ongaphezu komthetho; ngakho kubalulekile ukuthi i-SARS isebenze ngokulinganayo ukuqikelela ukuthi wonke umuntu uyahlangabezana nemithetho ebekiwe.

“Ukusesha okwenzeke namuhla kufanele kube isifundo nakwabanye ukuthi abagcini bomthetho bazolwa ukuqikelela ukuthi akubi kwampunzi edla emini. Abantu abangathathi ndawo emphakathini wethu, abadala nezingane bathembele kuyona lentela eqoqwa umbuso ukuthi ishintshe isimo sobubha, ukungasebenzi nendlala. Bonke abaphula umthetho wentela bazovinjwa”, kusho u-Kieswetter.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.