UNEPHUZU UMSHOLOZI NGOKUSHINTSHWA KOMTHETHO-SISEKELO
ISIGAMEKO sakamuva lapho ebesibona khona uhulumeni elwisana nabavukuzi bezimayini abangekho emthethweni ababizwa ngamaZama Zama e-Stilfontein e-North West sibonise ngokusobala ukuthi umthetho wakuleli uyaxega futhi ubukeka uvuna labo abenza okubi. Uqinisile impela uMsholozi (uMnuz. Jacob Zuma) uma ethi umthetho-sisekelo wakuleli kufanele ushintshwe.
Ngivumelana naye impela uma ubheka indlela izigebengu ezisebenzisa ukuba namalungelo ngayo ukuhlumeza abantu nokwenza ubugebengu.
Kulolu daba olwenzeka e-Stilfontein, sibona umthetho uvimbela abaphoyisa ukuba akwazi ukwenza umsebenzi wawo njengoba benza i-Operation Vala Umgodi. Ngenxa yomthetho-sisekelo ovuna wonke umuntu amaphoyisa akuthola kunzima ukuba aqinise izindlela zokuvimba laba abamba izimbiwa ngokungemthetho.
Kunokuba umthetho wethu unike amandla amaphoyisa uvele wakhipha isinqumo esivuna izigebengu ezikhombisa ukuba nendelelo zinjalo nje.
Uma kwenzeka ushintshwa ngempela umthetho-sisekelo, kubalulekile ukuba kubhekwe indlela ontengantenga ngayo uma kufika emalungelweni alabo abahlukumeza abanye.
Yini ngempela eyenza ukuthi umbulali abe nelungelo aze adlule labo abazwise ubuhlungu. Kwala ngisho umuntu ebanjwe oqotsheni enza ububi kuthiwa umsulwa kuze kuba utholwa inkantolo enecala.
Izigebengu uzizwa zizishaya izifuba ngezikwenzile ngoba zisuke zazi ukuthi umthetho uzozivikela. Yizo eziqhakambisa kuqala amalungelo azo futhi azikwesabi nokuboshwa ngoba ziyazi ukuthi zisuke ziyophila ntofontofo ejele.
Okuvele kucasule kakhulu ukubona lezi zinhlangano ezilwela amalungelo abantu zikusebenzisa ukuntengantenga komthetho-sisekelo ukuvuna izigebengu nabenzi bokubi. Ngiyavuma wonke umuntu unelungelo kodwa abantu abenza okuphambene nomthetho kufanele bajeze futhi bangacatshangelwa ukuhlula izakhamizi abazihlukumezayo.
Kuhle ukuba abasiholayo bayibhekisise ngempela le nto yomthetho-sisekelo wethu ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi awenzi leli zwe kube ikwamachanca nje.
QAPHELA: Le ngosi ibhalwe ngesonto eledlule singakaphumi isahlulelo senkantolo i-Pretoria High Court, esichitha ukunikezelwa kosizo kulaba abangaphansi kwemayini engasasebenzi i-Stilfontein e-North West.
*Sandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University. Ungaxhumana naye kuleli kheli le-email elithi: sandile.khumalo@macmillaneducation.co.za